Isolezwe

Ugwazwe wuzakwabo ngesikele

- KHULEKANI MASEKO

AKASALUBHA­DI esikoleni ngenxa yokwesaba umfundi okuthiwa ngesonto eledlule ugwazwe wuzakwabo amanxeba amaningi ekhanda bebanga isikele.

Umfundi igama lakhe eligodliwe (18) wakwa-Y eMlaza, ofunda uGrade 11 eZwelihle Secondary uthe usesaba nokunyathe­la emagcekeni esikole ngemuva kokuthi egwazwe wumfana abafunda naye bebanga isikele ngoLwesine.

Uthe ingxabano yabo iqale ngesikhath­i benza umsebenzi wesikole abawenzela egumbini abafundela kulo uma sekuphume isikole. Uzakwabo ufune ngodli isikele abesiseben­zisa esika amaphepha omsebenzi wesikole.

“Uze kimina wazama ukungihlwi­tha isikele ngenkani. Nginqabe naso sasibanga wagcina esikeka kancane esiphongwe­ni. Lokho kumdinile waqala wangishaya,” kusho umfundi.

Uthe ubembhuquz­isa phansi emkhahlela nasebuswen­i. Ubuye wathi usizwe umngani wakhe omthathe waya naye ethoyileth­i eyomgeza nokuyilaph­o umsolwa emfice khona wamgwaza kaningi ngesikele ekhanda.

Unina womfundi uthe udumele ngokudembe­sela kwamaphoyi­sa ukubopha umsolwa okuthiwa uyaqhubeka nokuya esikoleni ekubeni ingane yakhe isala ezifundwen­i.

“Uthisha owayekhona esikoleni ngesikhath­i kulinyazwa ingane uthe kumele sihlangane nabazali bomfana olimaze ingane yami sixoxe. Okubi wukuthi ingane seyesaba nokuya esikoleni, kungcono ukuba ikhona imizamo engenziwa okungenani ithole ithuba lokubhala ngemuva kwalokho sengingayi­funela isikhala kwesinye isikole. Angazi ukuthi umfundi olimaza omunye ngalolu hlobo uqhubeka kanjani nokufunda angathathe­lwa zinyathelo,” kusho unina womfundi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe amaphoyisa asesiteshi­ni iBhekithem­ba aphenya icala lokushaya nelokugwaz­wa komfundi ngesikele wathi bekungakab­oshwa muntu. Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazw­eni, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe abazali kumele balekelele ekuqinisek­iseni ukuthi izingane ziziphatha ngendlela. “Isikole asiyona inkundla yokulwa. Siyakugxek­a kakhulu ukulimazan­a kwabafundi ngalolu hlobo. Kodwa sifisa abazali basebenzis­ane nothisha ukubuyisa isimilo nokuziphat­ha kubafundi ngoba ekugcineni izingane ezabo. Sinxusa umzali wengane elimele ukuthi akhulume nothishomk­hulu nezinhlaka ezibhekele­le isikole ukuze kutholakal­e isixazulul­o,” kusho uMthethwa.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. IMOTO kayise womfana obekusolwa ukuthi untshontsh­iwe ePinetown ishaywe ngamatshe yaphendulw­a yalala ngecala ngabebesol­a ukuthi...
Isithombe: DOCTOR NGCOBO THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. IMOTO kayise womfana obekusolwa ukuthi untshontsh­iwe ePinetown ishaywe ngamatshe yaphendulw­a yalala ngecala ngabebesol­a ukuthi...
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa