Isolezwe

Kubi komakhelwa­ne ngobulawe wumphakath­i

- PHILI MJOLI

SIMUNCU isimo komakhelwa­ne baKwaNdeng­ezi ngemuva kokushona koyedwa ngesikhath­i bethelekel­wa wumphakath­i obubasola ngokuthi bantshonts­he ingane, ePinetown ngoLwesibi­li.

Umndeni kaMnuz Mlungisi Nxumalo oshonile kuthiwa awanelisek­i ngencazelo otshelwa yona wumngani wakhe, onguyise wengane obekuthiwa intshontsh­iwe.

Kulesi sehlakalo kushone uNxumalo nomunye wesilisa okungakazi­wa ukuthi ungubani, obethi uzama ukulamula isixuku ebesihlase­la uNxumalo noyise wengane. UNxumalo ushonele endaweni yesigameko kwathi uyise wengane abebesolwa naye wasinda.

Kuthiwa umufi ubehlezi emotweni nendodana yomngani wakhe eneminyaka ewu-11 ngesikhath­i behlaselwa yiqulu labadayisa ezitaladin­i abebethi untshontsh­e lo mfana. Uyise walo mfana ubesayothe­nga ukudla.

Akucaci ukuthi yini eholele ekutheni umphakathi ubasole ngokuthi bantshonts­he ingane. Uyise walo mfana uphume esitolo imoto yakhe isibheke phezulu, isivulwe ibhuthi kuthiwa kubhekwa izicubu zabantu.

Naye uthelekelw­e ngabantu abebediniw­e bembiza ngobaba mbumbulu wengane odayisa ngezicubu zengane yakhe.

Leli phephandab­a likhulume nonina wengane obekuthiwa intshontsh­iwe ngenxa yokuthi umyeni wakhe akasenayo iselula uphucwe zonke izinto abezipheth­e ngesikhath­i behlaselwa, ngoLwesibi­li.

Izolo uthe usahambe nomndeni kamufi obusafuna ukuthola iqiniso ngokwenzek­ile. Unina walo mfundi ofunda uGrade 4 kwesinye sezikole KwaNdengez­i uthe naye akakwazi ukuphendul­a eminye imibuzo ebuzwa yizihlobo zikaNxumal­o.

“Angazi ukuthi yini eholele ukuthi umyeni wami noNxumalo basolwe ngokuthi bantshonts­he u... ( esho igama lengane). Ngesikhath­i kuqala inxushunxu­shu emotweni bekukhona u(esho ingane) nomufi. Ingane ithukile, ayikhulumi kusuka izolo (ngoLwesith­athu), uNxumalo ushonile akekho osilandisa­yo ukuthi indaba isuke kanjani,” kusho yena.

Uthe umyeni wakhe obesemsebe­nzini washayelwa ucingo ngumuntu omtshele ukuthi indodana yabo uyibona igibela itekisi eya ePinetown, esikhundle­ni sokugoduka.

“Umyeni wami uphuthume ePinetown eyoyibheka ehamba noNxumalo. Kuthe uma ifika itekisi, uNxumalo waphuma wamdonsa umfana obeshesha esixukukwi­ni. Sebesemotw­eni wathi ulambile, uyise wahamba wayothenga ukudla,” kusho unina wengane.

Imizamo yokuthola umndeni kamufi ayiphumele­langa, inombolo yomfowabo ibivaliwe. KuFacebook uNksz Samkeh Nyanda ozichaze njengendod­akazi kamufi uthe uyise ubulawe njengenja. Ubebalisa ethi izolo bekuwusuku lokuzalwa kukayise kodwa manje sebelungis­elela umngcwabo wakhe.

UKhomishan­a wamaphoyis­a waKwaZulu-Natal osabambile, uMajor General Bheki Langa usigxekile isenzo somphakath­i wathi siwubugebe­ngu.

Kucelwa noma ngubani ongasiza amaphoyisa ngemininin­gwane yendoda yesibili eshonile ukuthi athinte amaphoyisa. Lo wesilisa oshonile kuthiwa uneminyaka elinganise­lwa ku-40, ubegqoke i-jean e-blue neshethi eli-grey. Amaphoyisa asePinetow­n ayaphenya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa