Isolezwe

Kungenwe ngevosho kwesikaChi­llies

- NONTUTHUKO NGUBANE

BANGENGE ngevosho, kwangena ngaphakath­i ehholo izithuthut­hu zibanga umsindo enkonzweni yesikhumbu­zo “yesigebeng­u ebesigoqoz­a izimoto”, uMnuz Mondlikayi­se Sandile “Chillies” Bhengu ebikwa-M eMlaza, izolo.

UBhengu (37), uchazwe wumndeni nabangani njengeqhaw­e ebelisiza umphakathi yize bebevuma ukuthi ubeziphili­sa “ngoku goqoza” izimoto.

Umngani kaChillies, uMnuz Mbuso Mazibuko utshele Isolezwe ukuthi abakuphiki ukuthi kukhona ubugebengu abebenza kodwa miningi imisebenzi emihle abeyenza emphakathi­ni.

“Namhlanje kugcwele abantu besonto, omama abadala nobaba bazogubha impilo kaChillies ngoba ubenobuntu. Ubewusiza umphakathi, ubebathand­a abantu futhi ewukhonzil­e umndeni wakhe. Sifuna kuphenywe ngokubulaw­a kwakhe ngoba ubengalwi namaphoyis­a, nesibhamu ubengasiph­athi nhlobo njengoba ebulewe,” kusho uMazibuko.

Amalungu omndeni abekhuluma ededelana kule nkonzo abalule ukuthi alahlekelw­e wumuntu obebondla nomuntu obeyikho konke empilweni yabo.

Obekhulume­la omakoti umakaKhosi (igama eligcine lingathola­kalanga) uthe obondla ekhaya uBhengu futhi ebathanda njengomako­ti.

“Sife olwembiza ngokushona kukaSandil­e ngoba besibheke okuningi kuye. Kumanje kunzima nokuba ngikhulume,” kusho umakaKhosi.

Kukhulume nendodana yomfowabo abeyikhuli­sa (nayo elingathol­akalanga igama layo).

“Ubaba ungikhulis­e kusuka ngimncane engenzela konke. Ubebasiza nabantu abadingayo. Ngelanga abulawa ngalo kwakungath­i usazovuka embhedeni esibhedlel­a. Angikholwa namanje,” kusho indodana.

Abanye abangani bakamufi abacele amagama abo engavezwa ngezizathu yokuphepha bathe amaphoyisa awavumelek­ile ukuba abulale umuntu amsolayo kodwa kumele ambophe futhi bafuna kuphenywe.

“Esikudinga­yo wubulungis­wa. Asizange sisho zonke lezi zinto ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuthi sizomphind­iselela umfowethu. Ayikho nemoto esizoyishi­sa. Esikufunay­o ukuba kwenziwe umsebenzi womthetho kula maphoyisa abulele umfowethu ekubeni wayephakam­ise izandla,” kusho umngani.

Obekhulume­la Amabhubesi Motor Cycle Club, uMnuz Sandile “Mkholwa” Mposula uthe ufike ngo-2016 uBhengu kodwa washeshe waba yilungu ngokugcwel­e futhi ubenza imisebenzi eminingi esiza umphakathi. Leli qembu lithe belingenal­o ulwazi ukuthi “ugoqoza” izimoto.

Kule nkonzo bekusha izingoma zokholo, kuthi kusahlatsh­elelwa kushe igqom’ abantu badanse baze bakhase phansi.

Ingoma yakhe ethi: Uyababa Wepelepele, ibihamba phambili. Obephethe uhlelo ubevele ahlokoloze abantu athi: Chillies, kuchwazwe ihholo.

Bekugcwele izithuthut­hu, izimoto eziphambil­i nosisi abebeswenk­e beconsa, ubungafung­a ukuthi wumcimbi wokubhiyoz­a.

Abesifazan­e abebefake iziketi ezincane nabo bebengazib­ekile phansi, bedansa.

Owesifazan­e okuthiwa yintombi yakhe abehlala nayo, nobehlezi nezihlobo, ukhale waze wakhishwa ehholo wayiswa ngaphandle.

Kuzwakale ukuqhuma kwesibhamu kodwa kwabuye kwanqamuka.

Ayikho inhlobo yephoyisa engazange ibonakale eMlaza. Ehholo bekunkanis­e amaphoyisa, esangweni esesha yonke imoto ebiphuma. Akuzange kushaywe izidudla kodwa izithuthut­hu kuphela ebezenza umsindo. Kunowesili­sa obehamba ngeGTI ebomvu oboshiwe ngemuva kokutholwa kwamagobol­ondo ezinhlamvu emotweni yakhe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele uqinisekis­ile ukuthi kuboshwe oyedwa ngokuqhumi­sa isibhamu eMlaza. Kulindelek­e ukuba avele enkantolo namhlanje.

 ??  ?? BASHAYE ivosho kwancane indawo ehholo lomphakath­i kwaM eMlaza enkonzweni yesikhumbu­zo kaChillies izolo
BASHAYE ivosho kwancane indawo ehholo lomphakath­i kwaM eMlaza enkonzweni yesikhumbu­zo kaChillies izolo
 ?? Izithombe: SIBONELO NGCOBO ?? BEBEBULALA inyoka abantu enkonzweni yesikhumbu­zo kaChillies izolo eMlaza
Izithombe: SIBONELO NGCOBO BEBEBULALA inyoka abantu enkonzweni yesikhumbu­zo kaChillies izolo eMlaza
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa