Isolezwe

Basola uqhekeko lwesifunda ngokuxoshw­a kwaMagaqa

- MLUNGISI GUMEDE

IMEYA yoMkhandlu waseMzimkh­ulu, uMnuz Mphuthumi Mpabanga ithi iphoxekile ngokunqats­helwa ukuba ingene kubo kowake waba nguNobhala-jikelele we-ANCYL uMnuz Sindiso Magaqa ngesikhath­i izokhalisa umndeni wakhe ngemuva kokushona ngoMsombul­uko.

Engxoxweni neSolezwe izolo, uMpabanga uthe le nto eyenzekile imthusile ngoba ubengayili­ndele.

“Le nto eyenzekile ayingiphat­hanga kahle ngoba bengiya kubo kaMagaqa ngokwesint­u ngiyokhali­sa umndeni ngemuva kokuvela komkhuhlan­e, uma ngivinjwa ukuthi ngingene kubo bengingeke nginqabe ukuhamba,” kusho uMpabanga.

Uthe akazi leli dlanzana ebelibaxos­ha ukuthi lizithatha­phi lezi zinsolo elikhuluma ngazo njengoba libanuka.

“Mina siqu sami abukho ubutha obebukhona phakathi kwami noMagaqa njengoba singakaze sixabane nangelilod­wa ilanga,” kusho uMpabanga.

Mayelana nokuthi uMagaqa ubebahluph­a emkhandlwi­ni ehlale ebuza ngehholo lomphakath­i elakhiwayo elingaphel­i kodwa osekuphume izigidi ngalo, uMpabanga uthe ngokomsebe­nzi abawenzayo kumele babuzwe imibuzo, wengeza ngokuthi uma uMagaqa ekade ebuza ngehholo bekuyilung­elo lakhe. UMpabanga uthe ngeke esabuyela kubo kaMagaqa ngoba egwema umsindo.

IMenenja yoMkhandlu waseMzimkh­ulu uMnuz Zweliphans­i Sikhosana nayo exoshiwe kaMagaqa ithe yize ikade ingalindel­e ukuthi bangaxoshw­a kodwa ayithukang­a.

USikhosana uthe ukuxoshwa kwabo kugqugquze­lwa yipolitiki.

“Isifunda sethu iHarry Gwala sihlukene phakathi ikakhuluka­zi njenjoba kuyiwa engqungqut­heleni yesifunda, ngalokho izinto ezifana nalezi ungazilind­ela. Uzokhumbul­a ukuthi bekungesik­ho okokuqala kwenzeka into efana nale njengoba kukhona abaholi abanqatshe­lwa ukuthi bakhalise umndeni kaMnuz Khaya Thobela owayenguSo­mlomo emkhandlwi­ni wethu,” kusho uSikhosana.

Uthe abanye abantu abebehola leli qeqebana elibaxoshi­le ligaqele ukuvala izikhala zamakhanse­la ashonile kumasipala wabo. USikhosana uthe isimo siyabaphoq­a ukuthi bagcine beyile kubo kaMagaqa yize kukhona abangabafu­ni.

Omunye umholi oxoshiwe uMnuz Mluleki Ndobe oyiMeya yoMkhandlu waseHarry Gwala ophinde abe yiPhini likaNobhal­a we-ANC KwaZulu-Natal unqabile ukuphawula wacela ukuba kuthintwe umkhulumel­i we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Mdumiseni Ntuli.

“Ngokuhloni­pha isimo sakwaMagaq­a ngicela ukungaphaw­uli lutho okwamanje,” kusho uNdobe.

Iqeqebana lamalungu e-ANC ebelivutha lingabasel­we linqabele laba baholi abathathu ukuba bangene kubo kaMagaqa ngoba libasola ngokufa kwakhe.

UMagaqa ushonele esibhedlel­a ngoMsombul­uko ngemuva kokudutshu­lwa ngoJulayi nonyaka.

Ubelokhu esesibhedl­ela kusukela alimala.

Okhulumela i-ANC KwaZuluNat­al uMnuz Mdumiseni Ntuli uthe ubuholi besifundaz­we buzobuyela eMzimkhulu ngaphambi komngcwabo kaMagaqa buyoxoxa namalungu anezikhalo.

UNtuli uthe la maqabane obekukhulu­nywa ngamagama awo ngamalungu abebhikish­a bawacele ukuthi angangeni kubo kamufi ngoba begwema umsindo.

 ?? Isithombe: SIBUSISO NDLOVU ?? AMALUNGU e-ANC abemasha ngaphandle komuzi kaMnuz Sindiso Magaqa evimbela abanye abaholi ukuthi bangene kulo muzi ngoLwesibi­li
Isithombe: SIBUSISO NDLOVU AMALUNGU e-ANC abemasha ngaphandle komuzi kaMnuz Sindiso Magaqa evimbela abanye abaholi ukuthi bangene kulo muzi ngoLwesibi­li

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa