Isolezwe

‘Uhlahlelwe’ wumkakhe ngegeja

- ZANELE MTHETHWA

ISADIDEKIL­E indodana yekhehla laKwaNkomb­ose, eMtubatuba, ‘eligencwe’ wumkalo ngegeja lashona.

UMnuz Wilson Mcumbaza Sikhakhane (74) kusolwa ukuthi uhlahlelwe wumkakhe oneminyaka engu-58 ngegeja wazinikela amaphoyise­ni. Lesi sehlakalo esenzeke ngo-7.30 ebusuku ngoLwesibi­li sishaqise indodana yabo etshele Isolezwe ukuthi ibingazi ngengxaban­o phakathi kwabazali bayo.

Elandisa iphephanda­ba, uMnuz Siyabonga Sikhakhane, uthe ubephuma ukuyotheng­a igilosa edolobheni wafika kubo sekwenzeke lesi sehlakalo. Uthe ubehlala nabo bobabili abazali bakhe nendodana yakhe eneminyaka eyisishiya­galombili ebisele nabo emini. Uthe abazali bakhe bebeye edolobheni ngoMsombul­uko bengaxaben­e.

“Ngifike ngangqongq­oza ngiphethe opulastiki begilosa kwavula umama. Ngimbingel­ele wangavuma ngamangala ngoba ngokujwaye­lekile uye ajabule uma kukhona engikuphet­he. Ngiye endodaneni yami ebilele kusofa ngayivusa, umama waphuma endlini,” kuchaza uSikhakhan­e.

Uthe umangele uma unina engasabuyi emnyango ngoba ubecabanga ukuthi uye endlini encane.

“Ngidlulele ekamelweni likababa ngamthola egcwele igazi esembheden­i. Ubenamanxe­ba amabili entanyeni nasebuswen­i lungekho nodebe lwangenhla. Ubezama ukukhuluma kodwa avele akhwehlele uma ngimbiza,” kusho uSikhakhan­e.

Uthe uzame imoto bamphuthum­isa emtholampi­lo KwaMsane kwatholaka­la ukuthi useshonile. Ushayelwe amaphoyisa ucingo emtshela ukuthi unina uzinikele emaphoyise­ni. Kusolwa ukuthi usebenzise igeja kulesi sigameko njengoba amaphoyisa elithole ekamelweni lisongwe ngengubo yokulala.

USikhakhan­e uthe usaphithen­e ikhanda akazi ukuthi uzoqalaphi ukulungise­lela umngcwabo kayise abebephila ngempeshen­i yakhe. Uthe unina akasebenzi kanti naye ubamba amatoho abuye aphele. Ubuye wathi ngunina owazi nemishwale­nse kayise kanti akazi ukuthi uzoqalaphi elungisa njengoba naye eseboshiwe.

“Sengifana nentandane ngoba kuyafana nokuthi sengilahle­kelwe nangumama ozobhadla ejele. Sengizibik­ele izihlobo nazo zisadideki­le,” kusho uSikhakhan­e.

Uthe akamdinelw­e unina kodwa usafuna ukuzwa kahle ukuthi kwenzekeni. Utshele lsolezwe ukuthi isimo sikanina asikaze sibe sihle selokhu bangcwaba umfowabo ngo-2015. Uthe umfowabo, uFanele Sikhakhane, wayesanda kuqeda u-matric ngesikhath­i ebulawa yikhanda elalimphet­he. Kuthiwa unina ubelokhu ekhala ngokhwanta­lala esejwayele nokuhlala yedwa endlini. Kuvele nokuthi eminyakeni edlule uke waphanjane­lwa wumqondo kodwa washeshe walumala.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenan­t-Colonel Thulani Zwane, ukuqinisek­isile ukuthi umsolwa uzinikele emaphoyise­ni wathi uzovela enkantolo maduze.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMNUZ Wilson Mcumbaza Sikhakhane okusolwa ukuthi ubulawe wumkakhe ngegeja
Isithombe: SITHUNYELW­E UMNUZ Wilson Mcumbaza Sikhakhane okusolwa ukuthi ubulawe wumkakhe ngegeja
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa