Umangalele umqashi wakhe ‘ombize’ ngenkawu
UYAVEVA owesilisa othi ubizwe ngumqashi wakhe ngenkawu. Uselufake enkantolo udaba lwakhe.
UMnuz Gcobani Norhobani (35) waseMayville eThekwini, uthe sekukaningi umqashi wakhe embiza ngenkawu. UNorhobani osesebenze izinyanga eziyisithupha eSpec Solutions okuyinkampani yokwakha, uthe akaziboni ephindela njengoba esemangalele umqashi.
Utshele ukuthi umqashi wakhe uMnuz Steve Honey, ujwayele ukuthi uma bengezwani ngomsebenzi amthuke. NgoLwesine uthi uphinde wambiza ngenkawu, baxabana uma emtshela ukuthi usekhathele ukuthukwa nguye.
“Ujwayele ukungibiza ngamagama acwasayo, okuthe uma ngimtshela ngoLwesine ukuthi angithandi wathukuthela,” kuchaza uNorhobani.
Uthi utshelwe ngoMsombuluko ukuthi angezi emsebenzini kuleli sonto. liyibonile i-SMS ethunyelwe wuHoney.
NgoMsombuluko, uNorhobani uye eNkantolo yeMantshi eThekwini wanikezwa incwadi yesivimbelo senkantolo, eliyibonile. Kule ncwadi kuthiwa uHoney kumele avele enkantolo ngo-Okthoba 6 ngodaba lokuhlukumeza uNorhobani.
Kuthintwa uHoney uvumile ukuthi bayazana noNorhobani obemsebenzela kodwa waphika ukuthi umthukile.
“Angimbizanga ngenkawu kodwa ngithe wenzisa okwayo. Ngabona indlela agibela ngayo evenini yami ngathi wenzisa okwenkawu,” kuchaza uHoney.
Ebuzwa ukuthi ubeqala yini ukukhipha leli gama, uthe ubengaqali.
Izolo, uNorhobani uye namaphoyisa lapho kusebenzela khona uHoney eNazareth, wangamfica. Bekumele ayomsayinisa amaphepha okuthi avele enkantolo.
Okhulumela iKhomishini yamaLungelo Abantu uNkk Gail Smith, uthe wonke umuntu othukiwe unelungelo lokuya eNkantolo yezokuLingana afake isimangalo, adlulele nakwikhomishini.