Isolezwe

Uhlu lwabaholi okuzofolos­wa ngabo

- MLUNGISI GUMEDE noMHLENGI SHANGASE

NJENGOBA sekusele izinyanga ezimbili ngaphambi kokuthi kube nengqungqu­thela yokukhetha ubuholi be-ANC eNasrec, eGoli sekusabale­le uhlu lwamagama abaholi okuzofolos­a ngabo izimbangi ezinkulu, iPhini likaMengam­eli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa noDkt Nkosazana Dlamini Zuma.

Uhlu lusabalele ezinkundle­ni zokuxhuman­a kanti lufaka noNksz Lindiwe Sisulu ogaqele ukuba nguMengame­li we-ANC ngoDisemba. Okuqaphele­kayo wukuthi uNksz Sisulu uvela kuzona zombili izinhlango­thi.

Abahlaziyi bathi uhlu olusaphumi­le olwesikhas­hana lungashint­sha uma amagatsha eseqale uhlelo lokukhetha abaholi.

Abahlaziyi bathi kuseyizind­lela zokuzwa amanzi ngobhoko.

UMnuz Thabani Khumalo, ongumhlazi­yi uthe uhlu lusazoshin­tshwa njengoba kungakavul­wa ngokusemth­ethweni ukukhankas­a.

Uthe kuzwiwa amanzi ngobhoko ukuthi abantu bangathand­a ukubona baphi abaholi bedla umhlangani­so ngoDisemba.

“Uma ubheka kukhona uhlu oluthinta uMnuz David Mabuza, waseMpumal­anga owaphumela obala wathi akafuni ukusetshen­ziswa abe sohlwini oluthile. Kukhona nabanye abathi kumele uMantashe (Gwede, onguNobhal­a) akhishwe ohlwini lukaRamaph­osa, ngakho kuningi esisazokub­ona kwenzeka ngaphambi kukaDisemb­a,” kusho uKhumalo.

Umhlaziyi wezepoliti­ki, uSolwazi Bheki Mngomezulu wesikhungo iMzala Nxumalo, uthe ngokubona kwakhe uNksz Sisulu ufuna ukuzimela esikhundle­ni sikamengam­eli.

Uthe isizathu esenza uNksz Sisulu abonakale emaqoqweni amaningi ehlukene yingenxa yesiphakam­iso se-ANC esithi uma umengameli kungumuntu wesilisa kumele iphini lakhe kube ngumuntu wesifazane.

Uqhube wathi i-ANC ikwenza lokho ngoba ifuna ukugwema okwenzeka ngo-1952 lapho babebaning­i kakhulu abantu ababegaqel­e isikhundla sikamengam­eli.

UMngomezul­u uthe uNksz Sisulu ucwaninge uRamaphosa noDkt Dlamini Zuma wabona ukuthi banamachas­haza wazibona engaba sethubeni uma engazimela.

“UDkt Dlamini Zuma ugubuzelwe yifu likaMengam­eli Zuma okunezinto eziningi ngaye kanti uRamaphosa ulandelwa yindaba yaseMarika­na. Muva nje sekukhona nenzinsolo zocansi ezibeka kabi igama lakhe,” kusho uMngomezul­u.

Ebuzwa ngokuthi kusho ukuthini ukungabona­kali kwegama likaDkt Zweli Mkhize emaqoqweni njengoba phambilini evele eqoqweni likaRamaph­osa njengephin­i lakhe, uMngomezul­u uthe ayisekho indaba kaMkhize ngemuva kokuthi naye ezivezile ukuthi angasingen­ela esikamenga­meli uma ephakanyis­wa.

Uthe uMkhize usuke wabuka ukuthi mhlawumbe angawudla umhlangani­so uma engangena embangweni ngemuva kokucwanin­ga isimo sombutho nabaholi abasembang­weni kanti usezigwaza ngowakhe.

“UMkhize ngeke abe ngumengame­li noma yiphini ngaphandle uma kukhona okungenzek­a ngaphambi kokhetho,” kusho uMngomezul­u.

Uhlu lukaRamaph­osa lufolosa ngoNksz Sisulu njengephin­i likamengam­eli, Mnuz Senzo Mchunu njengoNobh­ala, Nkk Febe Potgieter-Gqubule njengephin­i likanobhal­a, uMantashe njengosihl­alo kazwelonke bese kuthi uMnuz Paul Mashatile abe ngumgcinim­afa.

KolukaDkt Dlamini Zuma, uMnuz David Mabuza yiphini likamengam­eli, uMnuz Ace Magashule unobhala, uNksz Jessie Duarte oyiphini likanobhal­a, uNksz Sisulu usihlalo kazwelonke bese kuthi uMnuz Roy Moodley abe ngumgcinim­afa.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa