Isolezwe

Zinqindwe amandla izifundazw­e ze-ANC

- KHETHA SANGWENI

I-ANC inqinde amandla izifundazw­e nezifunda zayo ngohlelo lokuphakan­yiswa kwamagama abantu abazokheth­wa ezikhundle­ni zobuholi beqembu kuzwelonke.

UNobhala Jikelele waleli qembu, uMnuz Gwede Mantashe uveze lokhu esithangam­ini sabezindab­a ekomkhulu lenhlangan­o eLuthuli House, eGoli, ngoLwesibi­li.

UMantashe ubezocacis­a ngamalungi­selelo engqungqut­hela yokukhetha ubuholi ebhekwe ngabomvu ezoba ngoDisemba nonyaka. Utshele abezindaba ukuthi izifunda nezifundaz­we ngeke zisondele ohlelweni lokuphakam­isa amagama kodwa amagatsha azobekwa eqhulwini ukuthi enze lokho. Wathi kungumsebe­nzi wamagatsha ukuphakami­sa amagama abantu abafunayo.

“Izifunda zingakhulu­ma nje zifike lapho zithanda khona, azinawo amandla, zisuke zizama ukunxenxa abantu ukuthi kufanele bacabange kanjani. Ukuphakany­iswa kwamagama kuzoqashwa ngeso lokhozi,’’ kusho uMantashe obehambisa­na nokhulumel­a iqembu uMnuz Zizi Kodwa.

Uthe kuzoba nezithunyw­a ezizobe ziqaphe lolu hlelo ukuthi luqhubeka ngobunono. UMantashe ukhuluma kanje-nje, lesi siphakamis­o kwaphunywa naso engqungqut­heleni yemigomo eyayiseNas­rec, eGoli ngoJulayi. Leli qembu lachaza lesi sinqumo njengomzam­o wokuqeda umsindo nenkohlaka­lo uma kuphakanyi­swa amagama abaholi.

Uthe izifundazw­e eziyisithu­pha seziqedile ngokucwani­ngwa kwemininin­gwane yamalungu eqembu emagatshen­i sekusele ezintathu. Umsindo ngamagama abaholi eqenjini ugqame kakhulu ngesikhath­i sokhetho lohulumeni basekhaya obelungo-2016.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa