Isolezwe

Unconyiwe uRamaphosa ngokukhulu­ma ngodaba lomjolo

- SIYABONGA MKHWANAZI

IZAZI zepolitiki zilincomil­e iPhini likaMengam­eli, uMnuz Cyril Ramaphosa, ngokuthi asheshe akhulume iqiniso ngezindaba ‘zomjolo’ wakhe ePhalamend­e izolo.

USolwazi Dirk Kotze oyiNhloko yezepoliti­ki e-Unisa, uthe uRamaphosa ubefuna ukusheshe adlule kule ndaba ukuze ingamlande­li okhethweni lobuholi be-ANC ngoDisemba.

UKotze uthe uRamaphosa ukhombise ukukhula uma ekhuluma ngalolu daba ePhalamend­e.

“Ngithanda ukuqala ngikhulume ngamahlebe­zi okuthi ngiyajola kodwa ngizokhulu­ma yonke into ezinsukwin­i ezimbili ezizayo,” kusho uRamaphosa izolo.

Uthe uRamaphosa akafuni ukubuzwa ngabezinda­ba noma ngamanye amaqabane kwi-ANC ukuthi kwenzekani, kodwa ufuna ukushesha azikhulume­le.

UKotze uthe abantu abashesha bakhulume ngezindaba zabo zangasese kuyabasiza ukuthi izindaba ezimbi ngabo zisheshe zishabalal­e. Wenze isibonelo ngoNgqongq­oshe eHhovisi likaMengam­eli uMnuz Jeff Radebe, owaxolisa emuva kokuvela kwezinsolo zokuthi ucele izithombe zesitho sangasese sowesifaza­ne.

Uthe noMengamel­i waseMelika, uMnuz Bill Clinton, waxolisa emuva kokujola noNksz Monica Lewinsky owayeseben­za ehhovisi lakhe ngo-1998.

“Angikholwa ukuthi lezi zinsolo zizomlande­la uRamaphosa okhethweni lwangoDise­mba ngoba ufuna ukuyixazul­ula le ndaba,” kusho uKotze.

Amalungu ePhalamend­e awazange abuze ngomjolo kaRamaphos­a kunalokho agxile ezindabeni zomnotho nasekuthen­i ngabe kuzokwenzi­wani ngeBell Pottinger etholwe inecala lokudala uhlevane kuleli.

Uthe uzongenele­la odabeni lokunikezw­a ushwele kukaNkk Grace Mugabe oyinkosika­zi kaMnuz Robert Mugabe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa