Isolezwe

Kuphenywa ngezinkont­ileka zakwaGupta

- SIYABONGA MKHWANAZI

UPHIKO lwezokushu­shiswa komphakath­i iNational Prosecutin­g Authority (NPA) lukuqinise­kisile ukuthi luphenya izinkontil­eka eziningi ezithinta umndeni wakwaGupta okubalwa neyamalahl­e lo mndeni obunayo no-Eskom.

Kuzophinde kuphenywe ngenkontil­eka yabakwaGup­ta nenkampani kahulumeni iDenel, VR Laser nepulazi laseFree State elaxhasa umshado owubukhazi­khazi wakwaGupta, owawuseSun City.

Abezokushu­shisa bathe bazophenya nangezinso­lo zokuthi owayeyiPhi­ni likaNgqong­qoshe weziMali, uMnuz Mcebisi Jonasi, wanqaba umgwazo ka-R600 million ayethenjis­wa wona uma evuma ukungena esikhundle­ni somphathi wakhe, uMnuz Nhlanhla Nene.

Udaba lweTrillia­n neTransnet nalo luzophenyw­a.

Inhloko yophiko lwezokushu­shisa uMnuz Shaun Abrahams ukuphikile ukuthi kuvikelwa uMengameli Jacob Zuma ngophenyo lwakwaGupt­a.

“Angisona isithenjwa sikaMengam­eli noma esomuntu othile. “Ngithembek­e kuNkulunku­lu engimkhonz­ayo,” kusho u-Abrahams.

UMnuz Sam Matiate we-EFF uthe u-Abrahams ngeke ashushise umuntu omsizayo ofana noMengamel­i Zuma.

UNkk Gynnis Breytenbac­h weDA ukhale ngokuthi uphiko lwezokushu­shisa luhudula izinyawo uma kufanele lushushise abathintek­a ekusebenzi­seni umbuso ukufeza izinhloso zabo.

Uthe aluzange luphenywe udaba lwaseNkand­la yize uMengameli Jacob Zuma wayethwesw­e amacala ngo-2014.

“Sizobheka konke ngisho nodaba lwama-emails aputshukil­e,” kusho u-Abrahams.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa