Isolezwe

Kuphazamis­eke ukufunda eDUT bekhala ngemali yokudla

- KHULEKANI MASEKO

KUBE nokuphazam­iseka kokufunda esikhungwe­ni semfundo ephakeme iDurban University of Technology izolo, eThekwini bekhala ngokungafa­kelwa imali yokudla okuthiwa iningi labo selokhu ligcine ngoMeyi ukuyifakel­wa.

USihlalo weSouth African Student Congress (Sasco) kulesi sikhungo, uSphephelo ‘440’ Mthembu, ngesikhath­i ekhuluma neSolezwe ngemva kokuthi kube nale mibiko yezikhalo zabafundi ngemali yokudla evela esikhwamen­i esihlinzek­a abafundi ngoxhaso lwemali iNational Student Finacial Aid Scheme, uthe umkhandlu wabafundi oholwa yi-ANCYL yiwona ongabasiza­nga abafundi okuthiwa kukhona kubo abangakaze bayithole imali yokudla selokhu kuqale i-semester yesibili.

Uthe abafundi banqume ngokwabo ukuziyela kubaphathi besikhungo ngemuva kokuthi ngoLwesibi­li bebethenji­swe ukuthi ngakusasa (ngoLwesith­athu) kuzoshaya u-12 phakathi kwamabili imali yabo yokudla isingenile kuma-akhawunti abo kodwa yangangena. Uthe ubuholi obuphumayo buthathe into efike nabafundi wayenza eyawo okuholele ekutheni abafundi badube ngoba abasawuzwa umkhandlu omele abafundi okhona futhi usuphelelw­e isikhathi.

“Kuyasethus­a ukuthi umkhandlu osuphelelw­e yisikhathi ngokomthet­ho wesikhungo kodwa usaqhubeka nokuhola abafundi,” kusho uMthembu.

Uthe kwakuvunye­lwene ngokuthi kuzobalwa amabhokisi amane asele amavoti abengakavu­lwa kodwa kwathathwa isinqumo sokuthi ukhetho luqalwe phansi bangabe besaziswa.

Umengameli wesigungu sabafundi uZama Ncube uthe isiteleka ebesikhona besiholwa isigungu esengamele abafundi.

“Asazi basho kanjani ukuthi asikho isigungu esimele abafundi ekubeni kuyithina esikhuluma nabaphathi besikhungo ngezimfuno zabafundi. NgoLwesibi­li isikhungo sithembise ukuthi imali izongena izolo, savumelana nabafundi ngokuthi sizoya esiteleken­i uma ingangeni, esigcine sikhona. Kodwa imali igcine ingenile kwabanye nakuba ingangenan­ga kuwona wonke umuntu kodwa sizoba nesithanga­mi nabezindab­a kusasa (namuhla) ukucacisa,” kusho uZama.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA ?? USIPHEPHEL­O Mthembu ongusihlal­o weSasco eDUT noNobhala uMiviyo Makaba
Isithombe: BONGANI MBATHA USIPHEPHEL­O Mthembu ongusihlal­o weSasco eDUT noNobhala uMiviyo Makaba

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa