Isolezwe

I-KZN engozini yokuphela kwegazi

- INTATHELI YESOLEZWE

ABENHLANGA­NO eqoqa igazi kuleli, iSouth African National Blood Services (SANBS) bathi iKwaZulu-Natal ibhekene nenkinga yokushodel­wa yigazi.

Lesi sifundazwe sesisele negazi lohlobo luka-Group O elenele amahora angu-43.2 kuphela.

ISANBS seyinxuse abantu abavame ukunikela ngegazi namalungu omphakathi ukuthi beze ngobuningi babo bezonikela ukuze kugwemeke ingozi. Igazi lisiza abantu abanezifo ezahlukene okubalwa kuzo umdlavuza wegazi, abantu ababe sezingozin­i, nabanye impilo yabo esengcuphe­ni ngenxa yezinye izizathu ezenza badinge ukunikelel­wa ngegazi.

UNksz Silungile Mlambo ongamele ezokumaket­ha iSANBS uthe lincane kakhulu igazi elikhona.

“Igazi elikhona la eKZN lincane. Igazi elingu-Group O sinegazi elenele izinsuku ezingu-1.8 kuphela, okungaphan­si kuka-200 units,” kusho uNksz Mlambo.

Uthe kufanele engabe kunegazi elingama-unit angu-500 ohlobo luka-Group O. Lesi simo usichaze njengesibu­cayi.

Uthe igazi alibalulek­ile nje kuphela ezigulini nabalimele kodwa liphinde libaluleke komama abasuke bebeletha – abanye bagcina belahlekel­we yigazi eliningi ngesikhath­i bebeletha badinge ukufaka elinye.

“Baningi abantu abahlangab­ezana nezimo ezibucayi ezibabeka engozini, abagcina sebedinga ukufakwa igazi. (Ukunikelel­wa ngegazi) Yikhona okusiza umama osuke enenkinga yokopha ukuthi aphile akwazi ukunakekel­a ingane yakhe asuke esanda kuyithola, ayinike uthando. Yikhona okusiza umuntu ohlangabez­ana nezinkinga ehlinzwa. Yikhona okusiza iziguli ezinomdlav­uza ukuthi zisinde uma zinikwa imishanguz­o,” kusho uNksz Mlambo.

Uthe ukunikela igazi akuyona into encane kungukusin­disa impilo yabantu ngokwenza into elula. Unxenxe abantu base-KZN ukuthi basheshe bakusukume­le ukunikela ngegazi. Uthe kungakuhle ukuthi abantu bakulesi sifundazwe bagcine sebengaban­tu abavame ukunikela. Ngokusho kwakhe uma abantu benganikel­a kane ngonyaka kungagweme­ka izimo ezifana nalesi isifundazw­e esibhekene naso njengamanj­e.

Ukuthola kabanzi ngokunikel­a igazi ungavakash­ela isikhungo sakwa-SANBS esiseduze nawe noma uvakashele iwebsite yabo ku: https://sanbs.org.za/ noma ubathinte ku: 0800 11 90 31.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa