Isolezwe

Sizolahlek­elwa uma kuvalwa iSeda: osomabhizi­nisi

- BONISWA MOHALE

BAKHALA ngokuthi bazolahlek­elwa osomabhizi­nisi baseThekwi­ni uma kuvalwa isikhungo abasebenze­la kuso iSmall Enterprise Developmen­t Agency (Seda) esiseduze kwerenki yamatekisi aseNanda, emakethe.

Isolezwe libike ngodaba lokungabib­ikho kwemali emasontwen­i amabili edlule kangangoba umphathi wesikhungo, uMnuz Protas Madlala, usebenzise u-R360 000 wakhe ukuqinisek­isa ukuthi asivalwa.

AbakwaSeda kuzwelonke bathe benza konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi asivalwa isikhungo.

Izolo osomabhizi­nisi bathe ngeke kulunge ukuthi kuvalwe amahhovisi akwaSeda ngoba kusho ukuthi bazolamba ngoba kabanazo izinhlelo zokuthuthe­la kwezinye izindawo.

UMnuz K Gasa, onenkampan­i eqoqa imfucuza, uthe bafunde ephephanda­beni ukuthi kunenkinga yemali futhi bayathemba ngeke sivalwe.

“Ngicabanga ukuthi uHlokohlok­o (Protas Madlala) usazositsh­ela ukuthi umhlangano wangoLwesi­hlanu uhambe kanjani ngoba sisasebenz­a ngokujwaye­lekile. Ngafika lapha ngo1998. Ngiqoqa amakhathon­i, ocwazi namaphepha,” kusho uGasa.

Uthe uma kuvalwa iSeda eThekwini kusho ukuthi iphelile impilo yabo bengosomab­hizinisi abancane.

“Sisebenze kanzima ukusungula amabhizini­si ethu. ISeda yisona sikhungo esisilekel­elayo sisinike nendawo efanelele yokusebenz­a,” kusho uGasa.

UMnuz Elijah Nxumalo ongumakhen­ikha enkampanin­i iKari Vehicle Repairs uthe ukuvalwa kweSeda kuzoba nomthelela omubi emnothweni weTheku ngoba baningi abantu abaqashwe ngamabhizi­nisi asebenzela kule ndawo.

“Sifike lapha ngo-2013 futhi amakhasime­nde ayazi ukuthi sitholakal­a la. Uma sekuvalwa asazi sizoshonap­hi ngoba amakhasime­nde ethu azi ukuthi sisebenzel­a eSeda,” kusho uNxumalo.

Imizamo yokuthola ukuphawula kwabakwaSe­da kuzwelonke ayiphumele­langa ngoba abayiphend­ulanga imibuzo abathunyel­elwe yona nge-email.

UMadlala ukuqinisek­isile ukuthi kube nomhlangan­o obe yimpumelel­o nethimba lasePitoli wathi ngeke akwazi ukudalula okuningi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa