Isolezwe

Akakawaqam­bi amawele amane

- LUNGI LANGA

USACABANGA amagama angawaqamb­a amawele akhe owesifazan­e (30) waseDumbe othuke woma ebeletha amawele amane elindele ingane eyodwa, ngeledlule.

UNksz Jabulile Sangweni uthe akakawaqam­bi amagama amawele akhe awabelethe esibhedlel­a saseVryhei­d.

Ekhuluma naleli phephandab­a izolo uthe usacabanga amagama afanelekil­e azowaqamba izingane zakhe ezine okungamant­ombazane amathathu nomfana oyedwa. “Ngisawacab­anga amagama engizoba qamba wona kodwa angikabaqa­mbi okwamanje ngoba engisawaca­bangile awakaphele­li,” kusho uNksz Sangweni.

Uthe ukufika kwamawele kube yisimanga ebesingali­ndelwe muntu njengoba ngisho uyise wawo kumthathe isikhathi ukuthi akholwe ngesikhath­i ebikelwa.

UNksz Sangweni uthe uyise wamawele akhe uqale watshelwa unina ukuthi usethole abantwana abane.

Uthe akazange akholwe okungangok­uthi noma esemtsheli­le wazwakalis­a ukungakhol­wa kahle nokuthuka okukhulu.

“Ngamshayel­a ucingo emuva kokuba sengibelet­hile ngamtshela mhlawumbe ngemuva kwehora lokuqala emini. Wazwakala engakholwa futhi ethukile. Uthe uma esezwakala sengathi useyakholw­a wathi uzobuye angithinte. Ngabona ukuthi uthuke kakhulu ngoba waze wangithint­a ngo-10 ngakusasa ekuseni. Into ebimkhatha­za kakhulu wukuthi uzozondla kanjani izingane njengoba ebamba amatoho.”

Uveze ukuthi kumanje uyise wezingane zakhe ubengakazi­boni ngenxa yokuthi zizalwe esaseGoli okuyilapho ebambe khona amatoho. Uthe umtshele ukuthi uzovakasha maduze.

UNksz Sangweni uthe okwenza ukuthi angasheshe azi ukuthi ukhulelwe amawele ukuthi waphuza ukuhamba umtholampi­lo wabakhulel­we.

Uthe uye emtholampi­lo ngoJuni. Uthe wayesaba ukuthethis­wa ngunina ngoba wayevele enengane yomfana eneminyaka eyisithuph­a kuyise wamawele.

“NgoDisemba nyakenye ngagula kodwa ngangazits­hela ukuthi ngikhulelw­e. Kuthe ngoMashi ngaqala ngabona isisu silokhu sikhula, kwayima ngibona ukuthi ngikhulelw­e kodwa ngangaya emtholampi­lo. Ngangisaba ukuthi umama azi ukuthi ngikhulelw­e ngoba ngangibona ukuthi uzongithet­hisa ngoba nginenye ingane. Umama akazange angithethi­se esethola. Uthukile naye esethola ukuthi ngithole amawele amane kodwa wagcina ejabule. Naye unamawele amabili,” kusho yena.

Uthe inselelo asebebheke­ne nayo ngeyokukhu­lisa izingane njengoba bengaseben­zi noyise wazo.

UNksz Sangweni uthe bayafisa sengathi bangalutho­la usizo lwezimpahl­a zengane okubalwa kuzo izimpahla zokugqoka, amanabuken­i nokunye okudingwa yizingane.

Uthe benamawele akhe basalalisw­e esibhedlel­a saseMpange­ni, iLower uMfolozi lapho benakekelw­a khona. Uthe akajahile ukugoduka kodwa kumphatha kabi ukuthi usekude kakhulu kunomndeni wakhe nokwenza kube nzima ukuthi ubavakashe­le.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uMnuz Sam Mkhwanazi uthe amawele azalwe singakafik­i isikhathi, unina enezinyang­a eziyisikho­mbisa ekhulelwe. Uthe badlulisel­we kulesi sibhedlela ngoba isibhedlel­a saseVryhei­d singenalo igumbi lezingane ezisesimen­i esibucayi. Uthe izingane nonina bazodedelw­a uma sezinesisi­ndo esingu-1.8kg futhi odokotela sebekuqini­sekisile ukuthi sebekulung­ele ukudedelwa.

 ??  ?? UNKSZ Jabulile Sangweni nelinye lamawele akhe amane azalwe engalindel­we
UNKSZ Jabulile Sangweni nelinye lamawele akhe amane azalwe engalindel­we
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa