Akakawaqambi amawele amane
USACABANGA amagama angawaqamba amawele akhe owesifazane (30) waseDumbe othuke woma ebeletha amawele amane elindele ingane eyodwa, ngeledlule.
UNksz Jabulile Sangweni uthe akakawaqambi amagama amawele akhe awabelethe esibhedlela saseVryheid.
Ekhuluma naleli phephandaba izolo uthe usacabanga amagama afanelekile azowaqamba izingane zakhe ezine okungamantombazane amathathu nomfana oyedwa. “Ngisawacabanga amagama engizoba qamba wona kodwa angikabaqambi okwamanje ngoba engisawacabangile awakapheleli,” kusho uNksz Sangweni.
Uthe ukufika kwamawele kube yisimanga ebesingalindelwe muntu njengoba ngisho uyise wawo kumthathe isikhathi ukuthi akholwe ngesikhathi ebikelwa.
UNksz Sangweni uthe uyise wamawele akhe uqale watshelwa unina ukuthi usethole abantwana abane.
Uthe akazange akholwe okungangokuthi noma esemtshelile wazwakalisa ukungakholwa kahle nokuthuka okukhulu.
“Ngamshayela ucingo emuva kokuba sengibelethile ngamtshela mhlawumbe ngemuva kwehora lokuqala emini. Wazwakala engakholwa futhi ethukile. Uthe uma esezwakala sengathi useyakholwa wathi uzobuye angithinte. Ngabona ukuthi uthuke kakhulu ngoba waze wangithinta ngo-10 ngakusasa ekuseni. Into ebimkhathaza kakhulu wukuthi uzozondla kanjani izingane njengoba ebamba amatoho.”
Uveze ukuthi kumanje uyise wezingane zakhe ubengakaziboni ngenxa yokuthi zizalwe esaseGoli okuyilapho ebambe khona amatoho. Uthe umtshele ukuthi uzovakasha maduze.
UNksz Sangweni uthe okwenza ukuthi angasheshe azi ukuthi ukhulelwe amawele ukuthi waphuza ukuhamba umtholampilo wabakhulelwe.
Uthe uye emtholampilo ngoJuni. Uthe wayesaba ukuthethiswa ngunina ngoba wayevele enengane yomfana eneminyaka eyisithupha kuyise wamawele.
“NgoDisemba nyakenye ngagula kodwa ngangazitshela ukuthi ngikhulelwe. Kuthe ngoMashi ngaqala ngabona isisu silokhu sikhula, kwayima ngibona ukuthi ngikhulelwe kodwa ngangaya emtholampilo. Ngangisaba ukuthi umama azi ukuthi ngikhulelwe ngoba ngangibona ukuthi uzongithethisa ngoba nginenye ingane. Umama akazange angithethise esethola. Uthukile naye esethola ukuthi ngithole amawele amane kodwa wagcina ejabule. Naye unamawele amabili,” kusho yena.
Uthe inselelo asebebhekene nayo ngeyokukhulisa izingane njengoba bengasebenzi noyise wazo.
UNksz Sangweni uthe bayafisa sengathi bangaluthola usizo lwezimpahla zengane okubalwa kuzo izimpahla zokugqoka, amanabukeni nokunye okudingwa yizingane.
Uthe benamawele akhe basalaliswe esibhedlela saseMpangeni, iLower uMfolozi lapho benakekelwa khona. Uthe akajahile ukugoduka kodwa kumphatha kabi ukuthi usekude kakhulu kunomndeni wakhe nokwenza kube nzima ukuthi ubavakashele.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uMnuz Sam Mkhwanazi uthe amawele azalwe singakafiki isikhathi, unina enezinyanga eziyisikhombisa ekhulelwe. Uthe badluliselwe kulesi sibhedlela ngoba isibhedlela saseVryheid singenalo igumbi lezingane ezisesimeni esibucayi. Uthe izingane nonina bazodedelwa uma sezinesisindo esingu-1.8kg futhi odokotela sebekuqinisekisile ukuthi sebekulungele ukudedelwa.