Isolezwe

UDlungwane uchitha eyokuthi ngeke kuholwe

- MHLENGI SHANGASE

UNGQONGQOS­HE wezeMfundo KwaZuluNat­al, uMnuz Mthandeni Dlungwane, uthi phansi amaphaphu kubasebenz­i bomnyango abacabanga ukuthi ngeke bahole ngoba imali ikhona.

UDlungwane uthe imali yokukhokhe­la izinhlelo zomnyango okubalwa nalabo abenza imisebenzi nomnyango, ikhona kodwa inkinga bathola isamba esithile kumgcinima­fa nyanga zonke.

“Sithola u-R3.6 billion ngenyanga, u-R3.3 billion uya emaholweni abasebenzi bese kuthi u-R300 million usalele ezinye izidingo zomnyango. Yinkinga endala le kodwa sinayo imali ebhange. Abantu abangesabi, lokhu akusho ukuthi imali asinayo ukuthi sinikwa ingxenye ethile nyanga zonke ngumgcinim­afa,” kusho uDlungwane.

Ukusho lokhu ephendula umbuzo kasihlalo wekomiti lezemfundo esiShayamt­hetho uNkk Linda Hlongwa-Madlala, kuleli sonto obebuza ukuthi ngabe umnyango uzokwazi yini ukukhokhel­a abasebenzi bawo ababalelwa ku-115 000, u-89 000 wabo okungothis­ha umholo kuze kuphele unyaka wezimali.

Amalungu aleli komiti azwakalise ukukhathaz­eka ukuthi kunezinsol­o emphakathi­ni zokuthi imali ayisekho emnyangwen­i ngoba idliwe.

UMnuz Jomo Sibiya we-ANC, uthe bakuthokoz­ele ukuthola umbiko ogcwele ngezinto ezithinta imali emnyangwen­i ngoba kukhona abathi imali ayisekho ngoba isidliwe.

NoNkk Thembi MadlophaMt­hethwa we-IFP uthe ziningi izinsolo ezisabalel­e zokuthi umnyango awusenayo imali.

Lokhu kulandela umbiko othulwe kuleli komiti oveza ukuthi abanye othisha abakhokhel­wanga izibonelel­o zokusebenz­a ezindaweni ezisemakha­ya.

UDkt Vusumuzi Nzama, inhloko yomnyango uthe zimbili izinyanga ezibanika inkinga uFebhuwari noMashi ikakhulu uma kumele bafake imali yezikole eyaziwa ngama-norms and standards.

UNzama uthe kuyaye kudingeke ukuthi bathumele ngaphezulu kuka-R800 million ngenyanga eyodwa kodwa ngenxa yokuthi basala no-R300 million kuphela ngenyanga bese ezinye izinhlelo bazikhokhe­le ngemuva kwesikhath­i esihleliwe.

“Siyakhokha kodwa ezinye izinhlelo sizikhokhe­la ngemuva kwesikhath­i esibekiwe. Sinayo imali ebhange inkinga wuhlelo lomgcinima­fa esingakwaz­i ukulushint­sha,” kusho uNzama.

Ebuzwa ngokuthi ngabe sezikhokhe­lwe yini izincwadi, uthe sezikhokhe­lwe wathi kumele ziqale ziyiswe ezikoleni.

UNzama uthe ikhona imali yokukhokhe­la othisha.

UDlungwane uthe abakwazi ukuthi bangaphele­lwa imali ngoba isabelo somnyango esibalelwa ku-R47 billion abakasiqed­i sonke.

 ??  ?? UNGQONGQOS­HE wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Mthandeni Dlungwane uthi phansi amaphaphu othisha bazohola ngoba imali ikhona Isithombe: SIBANI NGOBESE
UNGQONGQOS­HE wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Mthandeni Dlungwane uthi phansi amaphaphu othisha bazohola ngoba imali ikhona Isithombe: SIBANI NGOBESE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa