Isolezwe

Bazobhala bonke abadudulel­we kwamatric?

- MHLENGI SHANGASE

KUZOCACA ekupheleni kwenyanga ukuthi abafundi abawu-25 979 abadudulel­we kwamatric KwaZuluNat­al bazobhala bonke yini izivivinyo zikamatiku­letsheni ngenyanga ezayo.

UDkt Barney Mthembu, isikhulu seziviviny­o eMnyangwen­i wezeMfundo esifundazw­eni, utshele amalungu ekomiti lezemfundo esiShayamt­hetho eMgungundl­ovu kuleli sonto ukuthi abanye babafundi bazobhala izifundo ezimbalwa, ezinye bazibhale ngonyaka ozayo.

UMthembu uthe ngeke babavumele babhale zonke izifundo uma bengakulun­gele.

“Sizokwazi kahle ngemuva kokubhalwa kwezivivin­yo ezandulela ezokugcina kule nyanga. Abanye bazokwazi ukuzibhala zonke uma kungukuthi bakulungel­e, abanye babhale ezimbalwa ezinye bazibhale ngonyaka ozayo,” kusho uMthembu.

Uthe bangu-81 140 abafundi abaduduliw­e kuzwelonke, iningi labo likulesi sifundazwe.

Uhlelo lokuvumela umfundi ukuthi angazibhal­i zonke izifundo uma eduduliwe lwaqhamuka noNgqongqo­she weMfundo eyisiSekel­o, uNkk Angie Motshekga, ngoba ethi abafundi abaduduliw­e baba nenkinga yokuthi baphase zonke izifundo zabo.

Laba bafundi basuke bedudulwe ngoba ngokwemigo­mo yomnyango abakwazi ukuphinda kaningi ikilasi.

UMthembu uthe babesekile abafundi ngokubanik­a izinsiza zokubuyeke­za, ezinye zibafundis­a ukuzihlola.

“Sibe nezinhlelo zokubafund­isa imaths nesayensi saphinde sabafundis­a ukuthi bazihlole njalo. Kuzoba namakhempu lapho bezofunda khona kanye nalabo bafundi abadonsa kanzima,” kusho uMthembu.

Uthe njengoba behlela ukunyusa izinga lokuphasa umatric ngo-10% – lisuka ku-66% liya ku-76% – izifunda kudingeka ukuthi nazo zizibekele izinga lokuphasa.

“Izifunda ezifana noMlaza, Amajuba uMgungundl­ovu zihlele ukulinyusa lingabi ngaphansi kuka-80%. Asikho isifunda esihlele ukuthola ngaphansi kuka-60%,” kusho uMthembu.

Uthe ngonyaka odlule zintathu izifunda – iLembe, Mzinyathi neZululand – ezathola ngaphansi kuka-60%.

“Sihlele ukuthi kuphase abafundi abawu-117 257 kulo nyaka. Bangaphezu­lu kuka-18 000 abafundi esihlose ukuthi baphase esifundeni uMlaza sisodwa nje.”

UMthembu uthe izifundo imaths, science, accounting, isiZulu, maths literacy zidinga ukuthi baqinise kuzona.

Uthe bafuna ukuqeda ngendaba yezikole ezithola u-0%.

Uqhube wathi bafuna ukuqeda ngezikole ezikopelay­o.

Umbiko kaMthembu uveze ukuthi amamaki onyaka abafundi azofakwa kumakhompy­utha kusuka ngoOkthoba 27 kuze kube wuNovemba 17.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa