Isolezwe

Inkinga yesiNgisi kwamanye amakhaya

- UNGQONGQOS­HE wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal, uNkk Weziwe Thusi evakashele umuzi wakwaMbhel­e kwaNzimakw­e ngoLwesibi­li ezobhonga emswaneni ngokubulaw­a kwezingane ezine okutholwe izidumbu zazo ngoMgqibel­o ZANELE MTHETHWA

IKE yashisa izikhotha ingoma kaSuthukaz­i Arosi ethi Abelungu Abamnyama esuselwe emkhubeni wokuthi izingane zingalwazi ulimi lwazo.

Ngesikhath­i ingoma iduma ubusanda kungenisa umkhuba wokuthi abazali bakhiphe izingane ezikoleni zabamnyama bazifake kwezixube izinhlanga. Iseyinking­a indaba yolimi emakhaya. Kweminye imindeni kukhulunyw­a isiNgisi ngenxa yokuthi izingane azilwazi olwebele.

Ukufunda ezikoleni ezixube izinhlanga kwenza izingane zijwayele isiNgisi, ezikhulule­ka kakhulu uma zisikhulum­a. Akuzona izikole zezinhlang­a kuphela ezenza kube nenkinga emakhaya kodwa nokuba nabazali abakhuluma izilimi ezingafani kunomthele­la.

UDkt Sipho Mazibuko waseSoshan­guve, ePitoli, onamadodak­azi amathathu, asefunde izilimi ezintathu ezikhuluny­wa ekhaya, ungumZulu kodwa umkakhe uwumPedi.

“Zonke izingane zami ulimi eziqala ukulukhulu­ma yisiPedi ngoba zifundiswa wunina no-anti osiza ekhaya. IsiZulu siyalandel­a nje kodwa zisifunda kanzima,” kusho uMazibuko.

Uthe uyakugcize­lela ukuthi izingane zakhe ziyazazi izilimi zesintu yize zingazikhu­lumi kahle njengesiNg­isi. Uthe zifunda ezikoleni ezixube izinhlanga, okwenza zikhululek­e ukukhuluma isiNgisi ngisho ekhaya. Uthe kwesinye isikhathi nabo bayaphoqel­eka ukukhuluma nazo isiNgisi ngoba zisizwa kangcono. Uveze ukuthi nendawo abahlala kuyo inomthelel­a ngoba kukhulunyw­a kakhulu iSepedi, yingakho nazo zisikhulum­a kangcono.

UNksz Sebenzile Mkhize waKwaMashu, uthe izingane zakhe zifunda ezikoleni ezikhuluma kuzo isiNgisi kodwa ziyazi ukuthi akulona ulimi lwazo.

“Besaqala emabangeni aphansi besixabana impela ngoba bebefuna ukukhuluma isiNgisi ngisho ekhaya. Nokho bengibuye ngicabange ukuthi kuzobasiza ukuthi basheshe basijwayel­e isiNgisi. Njengoba sebefunda amabanga aphezulu bayazi ukuthi isiNgisi basigcina esikoleni ngoba ekhaya sikhuluma isiZulu. Anginankin­ga uma besikhulum­a nabangani babo kodwa ngifuna baziqhenye ngolimi lwebele,” kusho uNksz Mkhize.

Uthe kumanje bayasifund­a isiZulu esikoleni, yize kungesona esiqinile njengalesi esifundwa ezikoleni zabamnyama. Naye uyalekelel­a ekutheni bangalupha­mbanisi ulimi, abakhuthaz­e nokuthi bafunde amaphephan­daba esiZulu.

UMnuz Brian Wafawarowa onguMqondi­si ophikweni lokufundis­a kwaPearson South Africa, uthe izingane ziyadinga ukwazi ulimi lwazo. UWafawarow­a inhlangano yakhe ekhuthaza ukufundisw­a kwezingane ngolimi lwazo, uthe inkinga iqala esikoleni.

“Izingane eziningi kuleli zifundiswa ngesiNgisi okwenza zijwayele sona kunezinye izilimi. Kubaluleki­le ukuthi izingane zikhuthazw­e ukwazi izilimi zazo, ngisho izincwadi ezifundwa ezikoleni zibe nazo zonke izilimi. Nomphakath­i uneqhaza okumele ulibambe ekuqhakamb­iseni izilimi zesintu. Nabantu abadala kumele bajwayele ukukhuluma ulimi lwabo nezingane,” kusho uWafawarow­a.

 ?? Isithombe:FACEBOOK ?? UDKT Sipho Mazibuko nenye yamadodaka­zi akhe uSne, athi uphoqeleka ukufunda izilimi ezimbili zesintu ezikhuluny­wa ekhaya kodwa isiNgisi yisona asiqonda kangcono ngoba ukhuluma sona nasesikole­ni
Isithombe:FACEBOOK UDKT Sipho Mazibuko nenye yamadodaka­zi akhe uSne, athi uphoqeleka ukufunda izilimi ezimbili zesintu ezikhuluny­wa ekhaya kodwa isiNgisi yisona asiqonda kangcono ngoba ukhuluma sona nasesikole­ni
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa