Inkinga yesiNgisi kwamanye amakhaya
IKE yashisa izikhotha ingoma kaSuthukazi Arosi ethi Abelungu Abamnyama esuselwe emkhubeni wokuthi izingane zingalwazi ulimi lwazo.
Ngesikhathi ingoma iduma ubusanda kungenisa umkhuba wokuthi abazali bakhiphe izingane ezikoleni zabamnyama bazifake kwezixube izinhlanga. Iseyinkinga indaba yolimi emakhaya. Kweminye imindeni kukhulunywa isiNgisi ngenxa yokuthi izingane azilwazi olwebele.
Ukufunda ezikoleni ezixube izinhlanga kwenza izingane zijwayele isiNgisi, ezikhululeka kakhulu uma zisikhuluma. Akuzona izikole zezinhlanga kuphela ezenza kube nenkinga emakhaya kodwa nokuba nabazali abakhuluma izilimi ezingafani kunomthelela.
UDkt Sipho Mazibuko waseSoshanguve, ePitoli, onamadodakazi amathathu, asefunde izilimi ezintathu ezikhulunywa ekhaya, ungumZulu kodwa umkakhe uwumPedi.
“Zonke izingane zami ulimi eziqala ukulukhuluma yisiPedi ngoba zifundiswa wunina no-anti osiza ekhaya. IsiZulu siyalandela nje kodwa zisifunda kanzima,” kusho uMazibuko.
Uthe uyakugcizelela ukuthi izingane zakhe ziyazazi izilimi zesintu yize zingazikhulumi kahle njengesiNgisi. Uthe zifunda ezikoleni ezixube izinhlanga, okwenza zikhululeke ukukhuluma isiNgisi ngisho ekhaya. Uthe kwesinye isikhathi nabo bayaphoqeleka ukukhuluma nazo isiNgisi ngoba zisizwa kangcono. Uveze ukuthi nendawo abahlala kuyo inomthelela ngoba kukhulunywa kakhulu iSepedi, yingakho nazo zisikhuluma kangcono.
UNksz Sebenzile Mkhize waKwaMashu, uthe izingane zakhe zifunda ezikoleni ezikhuluma kuzo isiNgisi kodwa ziyazi ukuthi akulona ulimi lwazo.
“Besaqala emabangeni aphansi besixabana impela ngoba bebefuna ukukhuluma isiNgisi ngisho ekhaya. Nokho bengibuye ngicabange ukuthi kuzobasiza ukuthi basheshe basijwayele isiNgisi. Njengoba sebefunda amabanga aphezulu bayazi ukuthi isiNgisi basigcina esikoleni ngoba ekhaya sikhuluma isiZulu. Anginankinga uma besikhuluma nabangani babo kodwa ngifuna baziqhenye ngolimi lwebele,” kusho uNksz Mkhize.
Uthe kumanje bayasifunda isiZulu esikoleni, yize kungesona esiqinile njengalesi esifundwa ezikoleni zabamnyama. Naye uyalekelela ekutheni bangaluphambanisi ulimi, abakhuthaze nokuthi bafunde amaphephandaba esiZulu.
UMnuz Brian Wafawarowa onguMqondisi ophikweni lokufundisa kwaPearson South Africa, uthe izingane ziyadinga ukwazi ulimi lwazo. UWafawarowa inhlangano yakhe ekhuthaza ukufundiswa kwezingane ngolimi lwazo, uthe inkinga iqala esikoleni.
“Izingane eziningi kuleli zifundiswa ngesiNgisi okwenza zijwayele sona kunezinye izilimi. Kubalulekile ukuthi izingane zikhuthazwe ukwazi izilimi zazo, ngisho izincwadi ezifundwa ezikoleni zibe nazo zonke izilimi. Nomphakathi uneqhaza okumele ulibambe ekuqhakambiseni izilimi zesintu. Nabantu abadala kumele bajwayele ukukhuluma ulimi lwabo nezingane,” kusho uWafawarowa.