Isolezwe

Uzovulelwa icala unina wezingane ezine ezibulewe esayophuza

- KHULEKANI MASEKO

UZOVULELWA amacala obudedengu nguMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i esifundazw­eni, unina wezingane ezine ezitholwe KwaNzimakw­e ngasePort Edward, ngempelaso­nto zibulewe.

Lokhu kuvele esitatimen­deni esithunyel­elwe abezindaba yihhovisi lalo mnyango, ngemuva kokuthi ungqongqos­he walo mnyango ehambele lo mndeni ngoLwesibi­li.

UNksz Slindile Mbhele, uzivumele ukuthi ubezishiya izingane zodwa aye kophuza.

UNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal uNkk Weziwe Thusi obevakashe­le kulo muzi ukuzobhong­a emswaneni, unxuse amalungu omphakathi ukuthi aqikelele ukugada izingane.

UNksz Matuse Khuzwayo ngesikhath­i ekhuluma neSolezwe mayelana nokubulawa ngesihluku kwezingane zikamfowab­o uMnuz Andile Khuzwayo ongasekho, uthe unina wezingane ubezikhonz­ile.

Uthe umfowabo ubenezinga­ne ezimbili kuNksz Silindile Mbhele, okungoLwan­dile (10) noSiphindi­le (8) abatholwe bebulewe kubo, nezingane zakwabo uBandile (12) noLwandle (4).

Uthe nakuba ubengahlal­i nezingane zikamfowab­o, ezagcina ngo-2014 ukufika kubo mhla kufihlwa uyise kodwa ubeke ezwe izincomo emantombaz­aneni abehleze eficana noSilindil­e (umama wezingane) ephuma kothengela izingane.

“Bengike ngizwe ukuthi uvamise ukubonakal­a emathaveni, kodwa mina angikaze ngimbone.

“Ngaphambi kokuba kushone ubhuti bebethanda­na kangangoba ingane endala, uBandile ufike nayo inezinyang­a ezimbili izelwe, ikhule yazi ukuthi ingeyalaph­a ekhaya,” kusho uNksz Khuzwayo.

Uthe usola ukuthi ukushona kukamfowab­o yikhona okumenze wagcina esezinikel­e etshwaleni, kodwa wathi bebengakaz­e bezwe lutho okumayelan­a nokuhlukum­ezeka kwezingane ngaphandle kwamahemuh­emu abebewezwa wokuthi uke abonakale ezindaweni zokucima ukoma. Uthe bebehlala ndawonye nomfowabo, futhi ushone esesezinhl­elweni zokumlobol­a.

UNksz Mbhele ugxekwe kakhulu nasezinkun­dleni zokuxhuman­a abantu bemsola ngobudeden­gu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa