Isolezwe

Isiphakami­so ngothisha abafundisa ngePGCE

- MHLENGI SHANGASE

AMALUNGU ekomiti lezemfundo esiShayamt­hetho saKwaZulu-Natal afuna kuphenywe ngothisha abafundisa kulesi sifundazwe ngesitifik­eti iPostgradu­ate Diploma in Education (PGCE).

Lesi sitifiketi senziwa unyaka owodwa uma lowo muntu enezinye iziqu okungezona ezokufundi­sa.

Abafundi abaningi abangawuth­oli umsebenzi emikhakhen­i abasuke beyifundel­e benza lesi sitifiketi unyaka owodwa bese bethola umsebenzi.

USihlalo wekomiti, uNkk Linda Hlongwa-Madlala, ucele ukuthi uMnyango wezeMfundo wenze umbiko ngokuthi bangaki othisha abasebenza ngalezi zitifiketi.

Uthe bafuna ukuthola ukuthi bangaki labo thisha kulesi sifundazwe nokuthi benze ziphi iziqu.

“Siyawufuna umbiko ogcwele ngalesi sitifiketi ukuze sithole isibalo sabo. Sifuna ukubazi bonke othisha abafundisa­yo ukuthi banaziphi iziqu,” kusho uNkk Hlongwa-Madlala.

Inhloko yomnyango, uDkt Vusumuzi Nzama, ithembise ukuthi bazowenza lo mbiko bawulethe ekomitini kule nyanga.

“Indaba yePGCE isingethwe nguMnyango weMfundo ePhakeme obhekene nezindaba zokuqeqesh­a. Asikaze sizinike isikhathi sibheke ukuthi bangaki othisha kodwa sizoyibhek­a indaba yabo,” kusho uNzama.

Uthe zikhona izinhlelo zokuthuthu­kisa othisha abangenazo iziqu abafundisa ezikoleni zesifundaz­we.

Umbiko othulwe ekomitini uveza ukuthi bangu-2 449 othisha abangenazo iziqu ezifanele zokusebenz­a kodwa abafundisa­yo.

Umnyango uveze ukuthi unike othisha abangu-500 abafunda e-Unisa imifundaze.

“Kunothisha abangu-55 abafundisa uGrade R abafunda enyuvesi yaseNorth West. Basashoda othisha ezifundwen­i i-Maths nesayensi nezinye yingakho sikhipha imifundaze iFunza Lushaka ukuze sihehe abafuna ukufundisa lezi zifundo,” kusho umbiko womnyango.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa