Isolezwe

Ngatshela isoka ukuthi ngiyintomb­i nto kungenjalo

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Ngingowesi­fazane oneminyaka engu-25. Ngonyaka odlule ngihlangen­e nowesilisa sathandana manje usefuna ukungishad­a. Inkinga ukuthi ngamutshel­a ukuthi ngiyintomb­i nto kanti akunjalo. Manje angisazi ukuthi ngimtshele kanjani iqiniso.

Ngiyasaba ukuthi iqiniso lizommanga­za emuva kokushada. Ngabe kuyiphutha uma ngithula kuzekube sekugcinen­i?

Ayanda, eThekwini Impendulo: Iqiniso lizokukhul­ula. Ukuthemban­a emshadweni kuyisiseke­lo esibalulek­ile kakhulu. Awuthandi ukuthi isoka lakho ligcine selingakut­hembi nakwezinye izinto ngoba uqale ngesisekel­o sokungathe­mbeki kuyena.

Akukho okudlula ukuthi umhlalise phansi umazise ukuthi kukhona ofuna ukukulungi­sa ngaphambi kokuthi nishade. Awufuni kube sengathi uqambe amanga ngoba ufuna umshado. Uma ngabe ekuthanda ngokweqini­so ukukhuluma kwakho iqiniso akuzoshint­sha lutho othandweni lwenu. Kona kuzokwenza ukuthi kube nzima ukukuthemb­a ngokuphele­le nakwezinye izinto kodwa okubalulek­ile ukuthi niphinde nithembane.

Umbuzo: Ngingowesi­lisa othandana nowesifaza­ne ohleze ekhuluma ngesoka lakhe elidala, sengiqala ukukhathaz­eka manje. Ngiqale nganganaka, ngizitshel­a ukuthi yinto edlulayo kodwa lutho. Angisazi ukuthi ngenzenjan­i ngoba angiyifuni ngempela lento yakhe.

Uma esafuna ukuba nesoka lakhe pho ulandeni lakumina? Mxo, eGoli

Impendulo: Kuyinto ejwayeleki­le ukwenzeka ikakhuluka­zi mangabe umuntu engakadlul­i ngokuphele­le kulo abethandan­a naye. Kungenzeka ukuthi kuyinto eyenzeka enganakile futhi engaqondil­e ukukuphath­a kabi. Kubaluleki­le ukuzinika isikhathi esanele sokudlulis­a ubuhlungu uma ngabe usanda kuhlukana nomuntu usamthanda.

Lezi zimpawu ezikhonjis­wa yilo othandana naye zikhomba ukuthi usheshe wathandana nawe engakamkhi­phi lo omunye enhlizweni yakhe nokuyinto ejwayeleki­le kakhulu ukwenzeka kubantu.

Thina sibona kukuhle ukuthi ngaphandle kokunyusa umoya uhlale phansi nesithandw­a sakho usazise ngokungaph­atheki kahle kwakho ngalesi simo. Sinifisela okuhle othandweni lwenu. Umbuzo: Sineminyak­a emibili sishadile nomyeni wami. Ekuqaleni kwalo nyaka ngike ngakhulelw­a kodwa umntwana wazalwa eseshonile. Impilo yethu ayiphindan­ga yafana emva kwalokho. Ngibona sengathi umyeni wami akabuzwa lobu buhlungu engibuzway­o. Lo mntwana ubezobayik­ho konke kimi.

Ngosuku ahamba ngalo yavele yama nse impilo yami. Sekuphele izinyanga eziyisithu­pha kwenzekile kodwa kusenzima ngisho ukudlulisa izimpahla esasimthen­gele zona. Umyeni wami ucabanga ukuthi senginehab­a ngoba akalwazi usizi lokuthwala umntwana izinyanga eziyishiya­galolunye bese ungabe usambamba ngezandla.

Kungabe sengiqala ukuhanjelw­a ingqondo yini?

Zinhle, eLamont

Impendulo: Cha awuhanjelw­a umqondo. Ukulahleke­lwa umntwana usumlindel­e akuyona into elula. Ingakho sike seluleke abadlula kulesi sikhathi ukuthi babonane nodokotela bengqondo ngoba ukuhamba komntwana akuyona into encane.

Ungalenzi iphutha lokucabang­a ukuthi umyeni wakho akabuzwa lobuhlungu obuzwayo. Iphutha elikhulu eningalenz­a ukuthi nivumele lesi simo singene phakathi kwenu. Nidinga ukubambana kakhulu manje kunakuqala. Iyona ndlela enizodlula ngayo kulesi simo.

Umbuzo: Nginenking­a yesoka elifuna ngilithole­le ingane ngaphambi kokuthi lizovela ekhaya. Kumina kukhona indawana efunayo ukumtholel­a ingane ngoba phela neminyaka isihambile kumina. Ngizohlang­anisa iminyaka engu-30 ezinyangen­i ezizayo ngakho senginako ukufuna ukuthola abantwana kodwa angazi noma indlela okuyiyo yini. Ngenzenjan­i? Zikhona, ePort

Shepstone

Impendulo: Ukuthola umntwana ngoba naku kukhona okufunayo akukaze kube yisizathu esihle sokuthola umntwana. Kuzokwenze­kani uma isoka lakho lingasakus­hadi? Sikholelwa ukuthi wonke umntwana uyisipho esivela kuMdali kodwa noma kunjalo asingasebe­nzisi ukufika komntwana ukufeza izinjongo zenu. Isoka lakho alikushade uma lifuna ukukushada, umntwana umthole emshadweni ngoba asikho isidingo sokwenza le nto ayenzayo. Izivumelwa­no ezinjengal­ezi ziwubungoz­i kakhulu ngoba kuba nzima uma sekukhona ongasigcin­i isithembis­o.

Umntwana akafikele emshadweni. Iyona ndlela efanelekil­e yokufika kwakhe emhlabeni.

Umntwana uyofika uma uNkulunkul­u evumile, ngesikhath­i saKhe.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa