Ngatshela isoka ukuthi ngiyintombi nto kungenjalo
EZOTHANDO
UMBUZO: Ngingowesifazane oneminyaka engu-25. Ngonyaka odlule ngihlangene nowesilisa sathandana manje usefuna ukungishada. Inkinga ukuthi ngamutshela ukuthi ngiyintombi nto kanti akunjalo. Manje angisazi ukuthi ngimtshele kanjani iqiniso.
Ngiyasaba ukuthi iqiniso lizommangaza emuva kokushada. Ngabe kuyiphutha uma ngithula kuzekube sekugcineni?
Ayanda, eThekwini Impendulo: Iqiniso lizokukhulula. Ukuthembana emshadweni kuyisisekelo esibalulekile kakhulu. Awuthandi ukuthi isoka lakho ligcine selingakuthembi nakwezinye izinto ngoba uqale ngesisekelo sokungathembeki kuyena.
Akukho okudlula ukuthi umhlalise phansi umazise ukuthi kukhona ofuna ukukulungisa ngaphambi kokuthi nishade. Awufuni kube sengathi uqambe amanga ngoba ufuna umshado. Uma ngabe ekuthanda ngokweqiniso ukukhuluma kwakho iqiniso akuzoshintsha lutho othandweni lwenu. Kona kuzokwenza ukuthi kube nzima ukukuthemba ngokuphelele nakwezinye izinto kodwa okubalulekile ukuthi niphinde nithembane.
Umbuzo: Ngingowesilisa othandana nowesifazane ohleze ekhuluma ngesoka lakhe elidala, sengiqala ukukhathazeka manje. Ngiqale nganganaka, ngizitshela ukuthi yinto edlulayo kodwa lutho. Angisazi ukuthi ngenzenjani ngoba angiyifuni ngempela lento yakhe.
Uma esafuna ukuba nesoka lakhe pho ulandeni lakumina? Mxo, eGoli
Impendulo: Kuyinto ejwayelekile ukwenzeka ikakhulukazi mangabe umuntu engakadluli ngokuphelele kulo abethandana naye. Kungenzeka ukuthi kuyinto eyenzeka enganakile futhi engaqondile ukukuphatha kabi. Kubalulekile ukuzinika isikhathi esanele sokudlulisa ubuhlungu uma ngabe usanda kuhlukana nomuntu usamthanda.
Lezi zimpawu ezikhonjiswa yilo othandana naye zikhomba ukuthi usheshe wathandana nawe engakamkhiphi lo omunye enhlizweni yakhe nokuyinto ejwayelekile kakhulu ukwenzeka kubantu.
Thina sibona kukuhle ukuthi ngaphandle kokunyusa umoya uhlale phansi nesithandwa sakho usazise ngokungaphatheki kahle kwakho ngalesi simo. Sinifisela okuhle othandweni lwenu. Umbuzo: Sineminyaka emibili sishadile nomyeni wami. Ekuqaleni kwalo nyaka ngike ngakhulelwa kodwa umntwana wazalwa eseshonile. Impilo yethu ayiphindanga yafana emva kwalokho. Ngibona sengathi umyeni wami akabuzwa lobu buhlungu engibuzwayo. Lo mntwana ubezobayikho konke kimi.
Ngosuku ahamba ngalo yavele yama nse impilo yami. Sekuphele izinyanga eziyisithupha kwenzekile kodwa kusenzima ngisho ukudlulisa izimpahla esasimthengele zona. Umyeni wami ucabanga ukuthi senginehaba ngoba akalwazi usizi lokuthwala umntwana izinyanga eziyishiyagalolunye bese ungabe usambamba ngezandla.
Kungabe sengiqala ukuhanjelwa ingqondo yini?
Zinhle, eLamont
Impendulo: Cha awuhanjelwa umqondo. Ukulahlekelwa umntwana usumlindele akuyona into elula. Ingakho sike seluleke abadlula kulesi sikhathi ukuthi babonane nodokotela bengqondo ngoba ukuhamba komntwana akuyona into encane.
Ungalenzi iphutha lokucabanga ukuthi umyeni wakho akabuzwa lobuhlungu obuzwayo. Iphutha elikhulu eningalenza ukuthi nivumele lesi simo singene phakathi kwenu. Nidinga ukubambana kakhulu manje kunakuqala. Iyona ndlela enizodlula ngayo kulesi simo.
Umbuzo: Nginenkinga yesoka elifuna ngilitholele ingane ngaphambi kokuthi lizovela ekhaya. Kumina kukhona indawana efunayo ukumtholela ingane ngoba phela neminyaka isihambile kumina. Ngizohlanganisa iminyaka engu-30 ezinyangeni ezizayo ngakho senginako ukufuna ukuthola abantwana kodwa angazi noma indlela okuyiyo yini. Ngenzenjani? Zikhona, ePort
Shepstone
Impendulo: Ukuthola umntwana ngoba naku kukhona okufunayo akukaze kube yisizathu esihle sokuthola umntwana. Kuzokwenzekani uma isoka lakho lingasakushadi? Sikholelwa ukuthi wonke umntwana uyisipho esivela kuMdali kodwa noma kunjalo asingasebenzisi ukufika komntwana ukufeza izinjongo zenu. Isoka lakho alikushade uma lifuna ukukushada, umntwana umthole emshadweni ngoba asikho isidingo sokwenza le nto ayenzayo. Izivumelwano ezinjengalezi ziwubungozi kakhulu ngoba kuba nzima uma sekukhona ongasigcini isithembiso.
Umntwana akafikele emshadweni. Iyona ndlela efanelekile yokufika kwakhe emhlabeni.
Umntwana uyofika uma uNkulunkulu evumile, ngesikhathi saKhe.