Isolezwe

Kuyoze kube nini amaqabane ebulalana?

-

UKUDLULA emhlabeni kowayenguN­obhalaJike­lele we-ANC Youth League, uMnuz Sindiso Magaqa, oshonele esibhedlel­a sekuphinde kwayigqami­sa inkinga edlondloba­layo - ukubulalan­a kwamaqaban­e.

UMagaqa obeseyikha­nsela eMzimkhulu wangena esibhedlel­a edutshuliw­e namanye amakhansel­a asinda kulesi sehlakalo ngoJulayi. Nobengakab­oni useyabona ukuthi i-ANC ixabana yodwa futhi amaqabane awasathemb­ani.

Ayikaziwa imbangela yokushona kukaMagaqa. Kuphenywa nezinsolo zokuthi udliswe ushevu ngoba kuthiwa ukhale ngesisu ngaphambi kokuphuma komphefumu­lo. Kuthiwa ubeselulem­e emva kokudutshu­lwa futhi umndeni ubusubheke ukuthi angaphuma esibhedlel­a noma yinini.

Kuyinto ejwayeleki­le e-Afrika ukuthi izinhlanga­no eziletha inkululeko emazweni azo zigcine zibe nezinkinga, kokunye zigcina zikhishiwe ekuphathen­i kodwa lokhu okwenzeka kwi-ANC kudlulele kokuvamile. Le ANC engenye yezinhlang­ano ezilwele inkululeko yomuntu omnyama eNingizimu Afrika, namhlanje ivumela abantu abamnyama babhuqabhu­qane bodwa ngenhlavu ngenxa nje yezikhundl­a namathenda. Sekuze kwasungulw­a iKhomishan­a ephenya ngokufa kwabantu okunenhles­e yezepoliti­ki ngenxa yokunyuka kwesibalo sosopoliti­ki ababulaway­o. Uze ubone nokuthi inkulu indaba ngalokhu kubulalana, ubona ngakho ukuthi kugcine kungaboshw­e muntu.

Into efanayo nendaba yehostela laseGlebel­ands nalapho abantu bebulawa kungabi ndabazalut­ho kanti nakhona akekho noyedwa osegwetshi­we kodwa ezweni kuthiwa kukhona ezobunhlol­i.

Njengabant­u baseNingiz­imu Afrika sibheke ukuthi amalungu e-ANC agxile ekuletheni izidingo kubantu njengenhla­ngano ebusayo hhayi lokhu kuklwebhan­a esikubona mihla namalanga.

Sibheke ukuthi sazi ukuthi singabuthe­mba ubuholi be-ANC nokuthi bungasivik­ela thina zakhamuzi kodwa njengoba amaqabane eqothana wodwa nje, kusho ukuthi kwathina zakhamuzi asiphephil­e kulaba baholi.

Ake abaholi be-ANC bazinuke amakhwapha, kuzoze kube nini amaqabane ebulalana? Kumnandi nje uma abantu abamnyama beqedana bodwa kanje?

Duduzekani mndeni wakwaMagaq­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa