Isolezwe

Abafake imali kwi-akhawunti yomfundi abachaze

-

MHLELI: Ngivumele ngiphawule ngodaba oluthinta umfundi okungene kwi-akhawunti yakhe uR14.million noselususe ukukhuluma.

Ngiyezwa nje ukuthi sekusolwa lmfundi ngokuthi angasho ukuthi kungene lemali kwi-akhawunti yayo. Kumele sibe neqiniso kulolu daba, lomfundi wafaka isicelo sokuxhaswa ngoba eswele, isicelo samukelwa kahle, ngabe umfundi waziswa yini ukuthi kuzongena malini ngaphambi kokuthi imali ifakwe?

Isifakiwe ke imali ngephutha njengoba kushiwo, kwakungaze kuthathe isikhathi ukuthi kubonakale ukuthi kunemali efakwe kulo mfundi ngephutha!

Ngizobuyel­a emuva lapho okwenziwa khona izinkokhel­o zezingane, ngineqinis­o lokuthi kakuvese nje kuse ekuseni sekukhokhw­a le mali, kuyacutshu­ngulwa, kuba nethimba elihlalayo lisayine amaphepha afanele. Ilona-ke leli thimba okumele lichaze kabanzi ngalolu daba!

Ngiyacaban­ga ukuthi kuzoya ngencazelo elethwe ngumfundi okungene kuyena imali ukuthi ucabange kanjani ngesikhath­i ezithola esefakelwa imali engaka.

Futhi nje kangilibon­i icala kulo mfundi, ngesikhath­i kungena imali engaka kwi-akhawunti yakhe. Ibhange kuwumseben­zi walo ukuthi liyimise i-akhawunti kuze kube liyazaneli­sa ukuthi ngempela le mali ifanele yini ukuthi ikhokhelwe umfundi, okusho ukuthi ziningi izinhlaka okumele ziphendule.

Uma kwi-akhawunti yami kungena imali enkulu noma engaphansi nje kwalena, baye bangithint­e befuna ukwazi ngemali engenile bese nginikeza incazelo okumele ibagculise. Akugcini lapho kodwa nalabo abangifake­le leyo mali bayathintw­a bachaze ngaphambi kokuthi imali ngiyiseben­zise. Ngisho eyakho imali isebhange baye bacele ukuthi wenze isaziso sokuthi uzoyidinga nini.

Kangifisi kudlalwe ngomfundi ngoba engazi lutho, nami ukube beyingene kwi-akhawunti yami njengoba ngizihluph­ekela bengizoyis­ebenzisa, ngifuna ukukhuluma iqiniso. Yebo, abanye bathi bekumele azise ibhange. Cha, yibhange okumele limbize umfundi liyimise imali ngaphambi kokuthi aqale ukuyiseben­zisa.

Yebo, sithi bekungeyon­a eyakhe, uma bekungeyon­a eyakhe ngabe kayizange ingene kwi-akhawunti yakhe. Umfundi wazini ngokuthi kumele aye kobika uma kungena imali enkulu kwi-akhawunti yakhe? Vese umfundi ubeyilinde­le imali ezongena wukuthi kwenzeke iphutha akumele-ke lelo phutha bese libhekiswa kakhulu kumntwana. Ngiyakhath­azeka uma ngizwa kuthiwa ubeyisapha­za le mali, kungcono mhlawumbe ukuthi uvese wakhela abazali bakhe umuzi omuhle kodwa yingane phela lena okukhuluny­wa ngayo.

Abantu okumele baphendule yilabo abasayinel­e le mali ukuze ingene ku-akhawunti yomfundi. Okokugcina lokhu kushiya isithombe esibi kulabo ababhekele ukusebenza kwale mali ngoba kuyacaca ukuthi babudedeng­u. O’Brien Gcabashe ENANDA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa