Kuzolunga nje ezinganeni ezikhula kanje?
ephakathi kweyisishiyagalombili nesishiyagalolunye. Lezi zingane zazilwa zibhuquzisana phansi.
Okubuhlungu kakhulu wukuthi abantu babengazilamuli ikakhukazi laba engithi babebukeka bengabokufika njengoba zazilwela phambi kwezitolo zabo. Babebukela nje bebeke izihlalo sengathi babuka umqhudelwano wesibhakela. Babehleka baze babambane. Okwakukhomba ukuthi bayayenanela le nto eyayenzeka.
Okwangikhathaza kakhulu wukuthi abazali balezi zingane babengabonwa nangalukhalo. Ngathi uma ngibuza kwathiwa onina bazo banamatafula kuwo lo mgwaqo. Ngaphatheka kabuhlungu kakhulu ukuthi abantu abadala babengabukela isimo esinjengalesiya. Ngathi uma ngibuza ukuthi yini abayijabulelayo izingane zilimazana, akekho owangiphendula.
Ngaze ngethembisa ukubiza amaphoyisa ngiwachazele ukuthi babehleka beshaya nezadla bejabulela ukubuka impi yalezi zingane esikhundleni sokuzehlukanisa. Basuka lapho babaleka bangena ezitolo zabo.
Laba bantu bakhombisa isihluku esikhulu bebukela phansi isizwe sakithi. Nonina bazo lezi zingane angibashiyi ngaphandle. Naboba banesandla esikhulu kulokhu ngokuthatha izingane zabo bazibeka kulesiya simo baphinde bangazinaki njengoba bona babezihlalele nje bengazi nokuthi kwenzekani.
Ngazibuza ukuthi lezi zingane zizokhula zibe ngabantu abanjani ngoba isimo ezikhulela kuso asinasisekelo esihle. Lokho kwanginika isithombe sokuthi zizokhula zingakwazi ukuzihlonipha. Nabazali bazo ababanga nazimpendulo uma ngibabuza ukuthi lezi zingane zabo balindele ukuthi zikhule zinjani. Jameson M Ngcobo EMGUNGUNDLOVU