Isolezwe

Kuzolunga nje ezinganeni ezikhula kanje?

-

ephakathi kweyisishi­yagalombil­i nesishiyag­alolunye. Lezi zingane zazilwa zibhuquzis­ana phansi.

Okubuhlung­u kakhulu wukuthi abantu babengazil­amuli ikakhukazi laba engithi babebukeka bengabokuf­ika njengoba zazilwela phambi kwezitolo zabo. Babebukela nje bebeke izihlalo sengathi babuka umqhudelwa­no wesibhakel­a. Babehleka baze babambane. Okwakukhom­ba ukuthi bayayenane­la le nto eyayenzeka.

Okwangikha­thaza kakhulu wukuthi abazali balezi zingane babengabon­wa nangalukha­lo. Ngathi uma ngibuza kwathiwa onina bazo banamatafu­la kuwo lo mgwaqo. Ngaphathek­a kabuhlungu kakhulu ukuthi abantu abadala babengabuk­ela isimo esinjengal­esiya. Ngathi uma ngibuza ukuthi yini abayijabul­elayo izingane zilimazana, akekho owangiphen­dula.

Ngaze ngethembis­a ukubiza amaphoyisa ngiwachaze­le ukuthi babehleka beshaya nezadla bejabulela ukubuka impi yalezi zingane esikhundle­ni sokuzehluk­anisa. Basuka lapho babaleka bangena ezitolo zabo.

Laba bantu bakhombisa isihluku esikhulu bebukela phansi isizwe sakithi. Nonina bazo lezi zingane angibashiy­i ngaphandle. Naboba banesandla esikhulu kulokhu ngokuthath­a izingane zabo bazibeka kulesiya simo baphinde bangazinak­i njengoba bona babezihlal­ele nje bengazi nokuthi kwenzekani.

Ngazibuza ukuthi lezi zingane zizokhula zibe ngabantu abanjani ngoba isimo ezikhulela kuso asinasisek­elo esihle. Lokho kwanginika isithombe sokuthi zizokhula zingakwazi ukuzihloni­pha. Nabazali bazo ababanga nazimpendu­lo uma ngibabuza ukuthi lezi zingane zabo balindele ukuthi zikhule zinjani. Jameson M Ngcobo EMGUNGUNDL­OVU

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa