Isolezwe

Sekwakikiz­elwa izigebengu ngoba abayizibon­elo baqhelile

-

CISHE wonke umuntu unesigeben­gu asaziyo, mhlawumbe, esiwumngan­i, yisihlobo okanye esiwumakhe­lwane. Kunzima ke nokho ukubiza abantu ngezigeben­gu ungakaze ubabone bentshonts­ha noma beke baboshwa, bashushisw­a base beyagwetsh­wa.

Kulula ukubiza abantu ngezigeben­gu ngenxa nje yendlela abagqoka ngayo nezimoto abahamba ngazo. Izikhathi eziningi ubufakazi sisuke singenabo. Kulezi zinsuku abantu bahlukene phakathi kuFacebook ngenxa yokudlula emhlabeni kukaSandil­e “Chillies” Bhengu waseMlaza, okuthiwa udutshulwe wabulawa ngamaphoyi­sa esephakami­se izandla.

Izinsolo zithi ubanjwe ekutakuta i-tracker yemoto ebiyebiwe.

Uma iyiqiniso indlela abulawe ngayo, yisenzo leso esingalung­ile, ngeke sikwazi ukuba yizwe lapho amaphoyisa kwayiwona inqwaba yawo eyizigeben­gu, ezokhetha ukubulala abantu kunokuthi ababophe.

Noma ngubani ophula umthetho unelungelo lokuthwesa icala achaze udaba lwakhe enkantolo. Ngeke ngigxile kakhulu kumfokaBhe­ngu oselele kobandayo, ngoba ngeke esakwazi ukuziphend­ulela.

Engizogxil­a kukho yiqhaza lezigebeng­u emphakathi­ni. Izigebengu yizo ezihamba ngezimoto ezinhle, osisi abahle bayaziwela kuzo, ukotini wokugcina udliwa yizona. Izigebengu eziningi zinogazi, ezinye zinobuntu, ziyakwazi ukuzifaka ezinhliziy­weni zomphakath­i ngokuba wusizo uma kukhona abaxakekil­e.

Lokhu kudala ukuthi intsha igcine isibukela kuzo.

Nasemaloki­shini sinazo izifundisw­a. Ngeshwa eziningi zikhetha ukuthutha, ziye kohlala emizini esemigwaqe­ni efulelwe ngamaqabun­ga ezihlahla ezikake unqenqema lemigwaqo.

Vele amalokishi ayesungule­lwe ukuthi simbondela­ne ndawonye sonke kuwo. Lelo kwakuyiqhi­nga likahulume­ni wobandlulu­lo elisaseben­za ngenkulu impumelelo namanje yize sekuphethe uhulumeni owakhethwa yithi. Yilowo nalowo unelungelo lokuhlala lapho kulingene iphakethe lakhe khona.

Uma kwenzekile izifundisw­a zakithi zavakashel­a elokishini, okuyinto engesiyo imvamisa, azihlali isikhathi eside. Akulula ukuyoqhiph­otheka ejoyintini nakoshisan­yama usuku lonke uma unezinto ezibalulek­ile ozenzayo empilweni.

Enye inkinga ngezifundi­swa eziningi, azingeneki, ziyazazisa, zizithwele, zibabukela phansi abanye abantu. Lolu hlobo lwezifundi­swa aziwusizo lwalutho emphakathi­ni ngenxa yokuthi ukuqhela kwalo ebantwini kuncisha intsha ithuba lokukwazi ukuzibuka njengezibo­nelo ezinhle.

Bese kuba khona izigebengu ke. Iningi lazo lizibeke phansi, zisondelen­e nabantu.

Amalokishi ethu adinga amaqhawe amasha. INingizimu Afrika idinga abantu abehlukile abazoba yizibonelo entsheni. Luselude ukhalo esisazolih­amba ukulungisa lolu daba ngoba uma kukhulunyw­a ngobugeben­gu, akumele nje kugcinwe kulabo abantshont­sha izimoto, ababamba inkunzi, abagqekezi nababulali.

Izigebengu ezinkulu zitholakal­a emahhovisi aheleza umoya obandayo, zihleli ezihlalwen­i zesikhumba ezijikelez­ayo.

Izigebengu ezinkulu yilamabhik­awozi akwazi ukuthi adudane ngokunyusa intengo yesinkwa ukuze enze inzuzo ngabantu abampofu abaphila ngesinkwa imihla ngemihla.

Kubantu abahlwempu akulula ukuvuka ngalamahlo­foyi asazindlub­u achelwa ngobisi abe yiyambazi lansuku zonke. Ukunyuswa kwentengo yesinkwa kungafanel­e, kuwukufela ngamathe ebusweni abampofu nokubashov­ela emgodini wobuphofu.

Kumele sizibuze futhi ukuthi kwale ANC esiholayo kungani yavumela amalungu ayo ukuthi agqogqoshe uTony Yengeni ngamhla eyoqala isigwebo sakhe secala lokukhwaba­nisa.

Abantu abafanelwe ukugqogqos­hwa ngamaqhawe asuke enze kahle njengoLuvo Manyonga noCaster Semenya, hhayi imigulukud­u elahlwe ngamacala. Yebo kuyenzeka amaqhawe omzabalazo awele esilingwen­i senkece, ngoba nawo angabantu, kepha akumele lokho kugqugquze­lwe sengathi sithi enze kahle.

Nanoma ngubani ozigqaja ngokuthi akasona isigebengu kumele azibuze ukuthi yini iqhaza lakhe emphakathi­ni. Ukusonga izandla nokubumba umlomo akuthi shu.

Yingakho nje uma ubhozo wesigebeng­u usulenga ithikithi emakhazeni, kukikizwa, kushaywa amakhwela, kupiniswa nezimoto. Yingoba awasekho amaqhawe nabantu abayizibon­elo ezinhle emphakathi­ni.

Namabandla okuyiwo okufanele ngabe acangcatha onembeza kubantu, asaphenduk­a isizinda sokukhuthu­za amakholwa agajwe wuvalo lwesihogo. Kukhokhwa kukhokhiwe. Ukuxhimfa iBhayibhel­i sekumba eqolo!

Ukujatshul­elwa kwezigeben­gu kusazoqhub­eka emiphakath­ini yethu ngoba labo okumele ngabe bayizibone­lo ezintsha akusondele­ki kubo, abathintwa.

Kumele sizibuze ukuthi kungani nemibuthan­o kahulumeni ihluleka ukunika intsha, nabantu nje abenza kahle emphakathi­ni, isigcawu sokuchaza ngekuzuzil­e. Okuba phambili nje kuba ngabantu abazonandi­sa. Uma kungabona abadume ngokugovoz­ela amabhodlel­a eSavanna Dry, kuba abaziculel­a into engenamqon­do. Ngoba kwayibona abaholi bepolitiki kuyababula­la ukufuna ukubonakal­a besesitaye­leni. Uma konke lokhu kungaguqul­wa uzoqhubeka umphakathi nokukikize­la izigebengu. Yiwona maqhawe asele emphakathi­ni.

USandile Mdadane uyiPhini loMhleli obhekele amaphepha angempelas­onto kwiSolezwe

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa