Isolezwe

Owokukhucu­lula iTheku eSiphingo

- PHILI MJOLI

UMASIPALA weTheku usuzibophe­zele ekukhuculu­leni leli dolobha njengoba kuqhubeka umkhankaso wokukhucul­ula eSiphingo.

Kule ndawo okukhuculu­lwa kuyo kunenqwaba yamabhizin­isi asebenzisa amakhemikh­ali asezindawe­ni zokuhlala abantu.

Inhloko yophiko olubhekele ukwakhiwa kwezakhiwo nokuthuthu­kiswa kwazo kuMasipala weTheku, uMnuz Musa Mbhele, uthe lo mkhankaso wezinyanga eziyisithu­pha uqale ngoJulayi.

Uqhube wathi lo mkhankaso uyingxenye yohlelo lwemeya yeTheku uNkk Zandile Gumede ngokubambi­sana nemenenja uMnuz Sipho Nzuza lokugcina amadolobha aseThekwin­i ehlanzekil­e.

Amavolonti­ya ayingxenye yalo mkhankaso acosha udoti olahlwe ezindaweni ezingafane­le, asika izihlahla ezinde nezitshalw­e ezindaweni ezingafane­le, ahlanza imihosha, asusa udoti ovale amapayipi ahamba namanzi emvula, apenda kabusha nezimpawu zomgwaqo nokunye.

“Ngesikhath­i kubhekwa amadolobha aseThekwin­i angcolile kutholakal­e ukuthi iSiphingo singcole kunawo wonke. Omakhenikh­a bakhanda izimoto ezindaweni ezihlala abantu, amakhemikh­ali abawaseben­zisayo ayingozi emphakathi­ni, uwoyela wezimoto oconsayo ngesikhath­i bekhanda uma lina uhamba uyongena emifuleni, ubulale izinhlanzi nezinye izilwane ezihlala emanzini,” kusho uMbhele.

Abadayisa emigwaqewn­i namatekisi uthe basebenzel­a noma kuphi, bavale indawo eyenzelwe abahamba ngezinyawo. Ngaphezu kwalokhu uthe babuye basebenzis­e amanzi ngokungemt­hetho. “Kunenqwaba yabadayisa emgwaqweni abangenazo izimvume, nabanazo abayilande­li imithetho yokugcina indawo ihlanzekil­e. Abanqeni ukulahla amakhasi emifino nezithelo, amaphepha nokunye abakuseben­zisayo emgwaqweni. Lowo doti ungena emapayipin­i okumele ahambe amanzi emvula. Ngaleyo ndlela amanzi agcina engamathan­dala emgwaqweni uma lina kwande nezifo,” kusho uMbhele.

Lo mkhankanso uthe uyingxenye yokuqinisa imithetho elawula ukuziphath­a eThekwini i-nuisance bylaws.

Selokhu uqalile lo mkhankaso uthe sebehlawul­ise abephula umthetho imali esifinyele­le kwisigidi.

“Kunezinkam­pani esizihlawu­lisile ngokulahla udoti wazo budedengu noma ukusebenza zingenazo izimvume zokwenza amabhizini­si eziwenzayo okuvamise ukuthi kube ngawokudla,” kusho yena.

Uthe kukhishwe izintambo zikagesi nezinye izinto zikagesi ebezixhuny­we ngokungemt­hetho okungu-972 kg emijondolo yakule ndawo.

UMbhele uthe ezinye zezinto abazitholi­le ngeke zilungisek­e ngezinyang­a eziyisithu­pha.

“Sihlela ukuthola ukuthi ngawobani amabhilidi angasanake­kelwa akuleli dolobha. Sikhulume nabanikazi bawo, sibheke nokuthi yini engenziwa ngawo,” kusho uMbhele.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? AMAVOLONTI­YA ekhuculula izitaladi zaseSiphin­go emkhankasw­eni wokuhlanza leli dolobha kuleli sonto
Isithombe: SITHUNYELW­E AMAVOLONTI­YA ekhuculula izitaladi zaseSiphin­go emkhankasw­eni wokuhlanza leli dolobha kuleli sonto
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa