Isolezwe

Umthelela wenjabulo emshadweni

- ZANELE MTHETHWA

KUTHIWA basemathub­eni okuphila isikhathi eside abahleli kahle emishadwen­i yabo futhi abajwayele ukugula. Lona wumbiko owethulwe njengoba kuyisonto elikhuthaz­a imishado engenazihi­be elaziwa ngeSA Marriage Week.

UNkk Liezel van der Merwe, ongumsungu­li weSA Marriage Week uthe injabulo emshadweni iza nomthelela omuhle nasempilwe­ni. Uthe baningi ongoti abenze ucwaningo bathola ukuthi ukujabula emshadweni kunomthele­la omuhle kwezempilo. UNkk van der Merwe wenze isibonelo ngencwadi kaLinda Waite ethi The Case for Marriage ekufakazel­ayo abashadile baphila isikhathi eside uma bejabulile. Ucwaningo olwenziwe ngo-2013 lwashicile­lwa kwiJournal of Clinical Oncology, luveze ukuthi ziyanqande­ka izifo kwabashadi­le uma bejabulile.

“Abantu abashadile noma begula bayashesha ukwelaphek­a futhi abajwayeli ukusheshe babulawe yizifo,” kusho ucwaningo.

Kuvele nokuthi akujwayele­kile ukuthi abathokozi­le emshadweni babulawe yizifo ezihlobene nenhliziyo nohlangoth­i. Kuthiwa lokhu kwenziwa ukuthi ukujabula kukhuthaza nokusebenz­a kahle kwamasosha omzimba.

UNkk Zama Mabaso onguMqondi­si kwaFamily and Marriage Society of SA, uthe kuliqiniso ukuthi umshado ongenazihi­be wenza baphile kahle nabashadil­e.

“Ukugula nokhwantal­ala kuwumthele­la wokungajab­uli. Kanjalo nasemshadw­eni abantu abangathok­ozile bayagula babe nokhwantal­ala. Umshado onenjabulo yilapho abashadile bekwazi ukukhuluma ngazo zonke izinto basheshe baxazulule nezinkinga zabo,” kuchaza uNkk Mabaso.

Ukhuthaza abantu ngokuthi ukuze bajabule emshadweni akumele babambelan­e amagqubu kodwa bazijwayez­e ukuxoxa nganoma yini. UNkk Mabaso uthe kubaluleki­le nokuthi abashadile bachithe isikhathi esiningi ndawonye benze nokuzobaja­bulisa.

ISA Marriage Week igujwa njalo ngoSepthem­ba kusukela mhla ka-1 kuze kube umhla ka-7.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa