Isolezwe

Ubungozi besifo sikashukel­a komama

-

abadla ngayo (type 2), bavamise ukuba nezingane ezizalwa zikhuluphe­le ngokweqile, zikhule zinjalo kuthi uma zingena esigabeni sokukhula ziqhubeke nokukhulup­hala ngokweqile zigcine zingenwa yiso isifo sikashukel­a u-type2.”

Uqhube wathi umama onesifo sikashukel­a, onengane enalesi sifo uyehluleka ukuzinakek­ela ngendlela ngakolunye uhlangothi kufanele anakekele ingane yakhe.

Uthe labo mama bajwayele ukunakekel­a kakhulu izingane ngokuzinik­a imishanguz­o efanele bakhohlwe ukuthi nabo kumele baye ezikhungwe­ni zempilo. Uthe ezinganeni ezineminya­ka engu-10 kuya ku-17 ezizalwa zinalesi sifo kumele kugadwe indlela ezidla ngayo ama-carbohydra­tes.

“Lokhu kwenzelwa ukuthi kwazeke ukuthi ingakanani i-insulin ezodingeka. Amantombaz­ane uma eqhathanis­wa nabafana abanesifo esifanayo anamathuba amaningi okuthi angenwe yizifo zokuzincis­ha ukudla ezifana ne-anorexia noma i-bulimia. Maningi amathuba okuthi athi efika eminyakeni engu-20 abe enezinking­a zamehlo, uma engakuthol­anga ukwelashwa angagcina eyimpumput­he,” kusho uDkt Distiller.

UDkt Distiller uthe abesifazan­e ngokujwaye­lekile baphila isikhathi eside uma beqhathani­swa namadoda abanesifo esifanayo.

“Owesifazan­e onesifo sikashukel­a osekhulile ngaphezu kobuhlungu bokushiywa umyeni wakhe, usuke enegcindez­i yokuthi kumele azinakelel­e njengoba enalesi sifo,” kusho uDkt Distiller.

Abesifazan­e asebekhuli­le uthe kunamathub­a amaningi okuthi bahlaselwe isifo senhliziyo, ukufiphala kokubona, ukwehla nokwenyuka kwezinga likashukel­a egazini.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa