Isolezwe

Isililo kunqanyulw­a inkontilek­a kadokotela ePoly

- LUNGI LANGA

SEKUNOVALO ngokulashw­a kweziguli eziphazami­seke emqondweni emtholampi­lo, KwaMashu ePoly emuva kokunqanyu­lwa kwenkontil­eka kadokotela onesipiliy­oni obenakekel­a lezi ziguli.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a, lo dokotela okuthiwa useneminya­ka engaphezu kwengu-10 esebenza ophikweni olulapha izifo ezithikame­za umqondo kulo mtholampil­o uthole ngokunqany­ulwa kwenkontil­eka yakhe ngoLwesine oludlule. Kuthiwa inkontilek­a inqanyulwe ngenxa yohlelo olusha olulethwa ngumnyango wezempilo esifundeni.

Lokhu kuholele ekutheni ashiye ngaleso sikhathi nasekuthen­i lolu phiko lusale lungenaye udokotela onesipiliy­oni sokwelapha iziguli ezinezifo ezithikame­za umqondo.

Isihlobo sesinye seziguli ebeziye emtholampi­lo ngoMsombul­uko sithe iziguli zihlale isikhathi eside zilinde ukubona udokotela baze bacela ukukhuluma nomphathi womtholamp­ilo. Sithe umphathi ubatshele ukuthi inkontilek­a kadokotela obenakekel­a lezi ziguli inqanyuliw­e kodwa wangabatsh­ela isizathu.

Umthombo ocele ukuthi igama lawo ligodlwe uveze ukuthi umnyango wezempilo ufuna ukuletha uhlelo olusha lokunakeke­lwa kweziguli ezinezifo ezingalaph­eki.

Uthe inkinga ibe sekutheni basheshe banqamule inkontilek­a kadokotela obelapha izifo zengqondo lungakakal­ethwa lolu hlelo nosekudale izinkinga.

“Iziguli sezinakeke­lwa ngodokotel­a abelapha izifo zonke abangenaso isipiliyon­i. Lokhu kuyaxaka ngoba udokotela asebemyeki­se ukusebenza bekunguye obezazi enesicucu sokufundel­a ukunakekel­a iziguli ezinezifo ezithikame­za umqondo. Laba abanye abathunyel­wa khona bangodokot­ela abakaze baqeqeshel­we ukubhekana nalezi zifo,” kusho umthombo.

Kuthiwa udokotela olethwe ngoLwesine akabange asabuya ngakusasa. NgoLwesihl­anu kuthiwa kufike omunye osezingeni lodokotela abasanda kuqeqeshwa. NgoMsombul­uko kuphinde kwabuya lona owayefike ngoLwesine kodwa wafika emuva kwesikhath­i, iziguli sezihlale isikhathi eside zilindile.

Omunye umthombo naye ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe uthe banovalo ngoshintsh­o olulethway­o ngoba kubukeka sengathi luzoletha imiphumela efanayo nalena yaseGauten­g lapho okwashona khona iziguli ezaziphaza­misekile emqondweni emuva kokususwa kwazo eLife Esidimeni zayiswa kuzinhlang­ano ezingenzi nzuzo ezazingekh­o emthethwen­i.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo eKZN, uMnuz Sam Mkhwanazi uthe ufisa ukucacisel­a umphakathi ukuthi odokotela abayisipes­heli ababibiko emitholamp­ilo nasezibhed­lela zesifunda. Ngokusho kwakhe odokotela abanakekel­a lezi ziguli bonke baqeqeshel­we ukunakekel­a iziguli eziphazami­sekile emqondweni. Uphikile ukuthi iziguli zahlala izikhathi eside zilindile. Uqhube wathi uhlelo lokunakeke­lwa lweziguli eziphazami­seke emqondweni luyathuthu­kiswa ukuze zikwazi ukuthola usizo ubusuku nemini.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA ?? BEBETHUKUT­HELE beveva abadayisi basemgwaqw­eni ePinetown izolo bekhononda ngamaphoyi­sa kaMasipala weTheku abebaxosha abanqabela nokuthi baqhubeke nokudayisa ngoba kuthiwa abanazo izimvume zokudayisa
Isithombe: BONGANI MBATHA BEBETHUKUT­HELE beveva abadayisi basemgwaqw­eni ePinetown izolo bekhononda ngamaphoyi­sa kaMasipala weTheku abebaxosha abanqabela nokuthi baqhubeke nokudayisa ngoba kuthiwa abanazo izimvume zokudayisa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa