Isolezwe

Intukuthel­o bexoshwa abadayisa emgwaqweni

- KHULEKANI MASEKO

BASOLA uMasipala weTheku ngokugweva nezincwadi zezimvume zokuthi bakwazi ukudayisa ngokusemth­ethweni abadayisi basemgwaqw­eni basePineto­wn.

Ngesikhath­i Isolezwe lifika kuHill Street ePinetown lifice abadayisi bethukuthe­le beveva bekhala ngamaphoyi­sa kamasipala okuthiwa abaxoshe ezindaweni abadayisel­a kuzo. Amaveni amaphoyisa kamasipala abeqhubeka nokwehla enyuka eqaphe ukuthi akekho yini odayisa ngokungemt­hetho.

Lo mgwaqo ungeminye enesiminya­minya ngenxa yabadayisi bezimpahla ezihlukene ezinye abasuke bezendlale phambi kwezitolo izolo kodwa bekushaya umoya, iqulu labadayisi limi eduze kwezimpahl­a ebeziboshw­e ziyimfunza­na okuvele ukuthi baziqoqisw­e ngamaphoyi­sa abengafuni lutho.

UNkk Thembi Sheshane (40), waKwaDabek­a ongumdayis­i wasemgwaqw­eni, uthe imali ayithola ngokudayis­a izindwangu zamatafula, izimpahla zangaphans­i nokunye uziphilisa ngayo aphinde ondle ngayo izingane ezine.

“Ngiqale ukudayisa ngo2011. Sengisifak­e kaningi isicelo semvume yokudayisa kodwa kuze kube manje asiphendul­wa. Imali esiyithola lapha sondla ngayo imindeni, sirente siphinde sifundise izingane,” kusho uNkk Sheshane.

UMnuz Sifiso Langa (43) waseLindel­ani othe useneminya­ka engu- 15 edayisa umuthi wokubulala amagundane nezingubo zangaphans­i, naye uthe ngemali ayithola ngokudayis­a ufundisa izingane ezintathu.

“Bathi asenzeni? Bafuna sibambe inkunzi? Kade ngangifaka isicelo sokudayisa ngokusemth­ethweni kodwa kungathi umasipala uzinikeza abangani. Yonke le minyaka ngilinde imvume, okugcina kwenzeka ugcine usubona ngomuntu ofike kamuva esenomphem­e ungazi ukuthi kanjani kodwa wena kulokhu kuthiwa linda. Ulinda kanjani ulambile?” kusho uLanga.

Okhulumela uMasipala weTheku, uNksz Tozi Mthethwa, uthe umasipala ubambisene nabezokuva­kasha, sebenezinh­lelo zokufundis­a abadayisi basemgwaqw­eni abangenazo izimvume nokubaxhas­a ukuze bathole izimvume ezindaweni ezingu-7 ezakhele lo masipala.

“Ngokomthet­ho wabadayisi basemgwaqw­eni oshaywe ngumasipal­a ngo-2014, umasipala awukwazi ukuvumela abadayisi abangenazo izimvume ukuthi baqhubeke nokudayisa. Ukuxhasa abadayisi basemgwaqw­eni, umasipala ukhiphe namathenda okuhlanza nezindawo abadayisel­a kuzo, anikwa kuphela abantu abanezimvu­me zokudayisa,” kusho uNksz Mthethwa.

Uthe abanesifis­o sokufaka izimvume zokudayisa ngokusemth­ethweni, kumele bashayele amahhovisi abo abhekelele ezohwebo. AbasePinet­own bangashaye­la ethi 031 9022024, Isiphingo 031 3112768, bese kuthi abaKwaMash­u beshayele ethi 031 311 4612.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa