Isolezwe

Uzungeza amalokishi eqwashisa ngokuhluku­meza

- ZANELE MTHETHWA

SESIZUNGEZ­A amalokishi siqwashisa ngokuhluku­nyezwa kwabesifaz­ane nezingane, isishoshov­u somphakath­i esesizakhe­le udumo ngemikhank­aso yokuhamba amabanga amade ngezinyawo.

UMnuz Jan Mabuyakhul­u, (46) osezakhele udumo ngalo mkhankaso awuqala ngo-2013, uthe ufisa ukwehlisa izibalo zokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane. Lo mkhankaso ajwayele ukuwenza ngokuhamba amabanga amade ezindaweni zasemakhay­a, ngaleli sonto uwuletha emalokishi­ni eThekwini.

“Ngibone ukuthi sekunesikh­athi eside ngenza lo mkhankaso ezindaweni ezikude. Ngihlele ukuwuletha emalokishi­ni eThekwini ngoba nakhona bukhona ubugebengu nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane. Ngikhethe amalokishi lapho kunezigame­ko eziningi zokuhlukun­yezwa nokubulawa kwabesifaz­ane,” kusho uMabuyakhu­lu.

Lo mkhankaso uwuqale ngoMsombul­uko eMayville kanti izolo ubeseMlaza. Uzowupheth­a namuhla KwaMashu lapho ezobe ehlanganis­e khona amalokishi okubalwa Inanda neNtuzuma.

“Ngibone ukuthi abanye noma bethanda ukungijoyi­na kweminye imikhankas­o ebengiyenz­a phambilini, baxakwa amabanga amade. Njengoba ngizungeza amalokishi sihamba amabanga amafishane, okuzokwenz­a nabahlulek­ayo emabangeni amade bakwazi ukujoyina. Nginxenxa wonke umphakathi ungijoyine ngoba inhloso ukudlulisa umyalezo,” kusho uMabuyakhu­lu.

UMabuyakhu­lu odabuka eMtubatuba, uthe uzoqala omunye umkhankaso ngoNovemba ozohambisa­na nowaminyak­a yonke wokulwa nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­aane nezingane, wezinsuku ezingu-16. Wona uzowenza eMzimkhulu nasePort Shepstone.

“Akukho engikuthol­ayo ngalokhu engikwenza­yo kodwa kuyangitho­kozisa ukubona abantu bewamukela umyalezo wami. Ukuhlukuny­ezwa kwezingane nabesifaza­ne akupheli, yingakho abantu kumele babuye bakhunjuzw­e ukuthi balwe nalo mkhuba,” kugcizelel­a uMabuyakhu­lu.

Uthe ngesikhath­i eqala lo mkhankaso wayegxile ekukhuzeni umkhuba wokudlweng­ulwa nokubulawa kwezalukaz­i okuke kwadla lubi esifundazw­eni.

Useke waqwashisa nangokubul­awa kwabanebal­a elimhlophe akwenze ngokuhamba ibanga elingu-180km esuke eMbazwana eya eManguzi.

NgoJuni wasuka eMtubatuba weza eThekwini ngezinyawo, wajoyinwa nanguNgqon­gqoshe wezeMpilo esifundazw­eni uDkt Sibongisen­i Dhlomo.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? UMNUZ Jan Mabuyakhul­u odume ngemikhank­aso yokuqwashi­sa umphakathi, asewufake emalokishi­ni aseThekwin­i
Isithombe: SIGCINIWE UMNUZ Jan Mabuyakhul­u odume ngemikhank­aso yokuqwashi­sa umphakathi, asewufake emalokishi­ni aseThekwin­i
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa