Isolezwe

Sekuyaphot­hulwa ukunxephez­elwa

- SIYABONGA MKHWANAZI

AMAPHOYISA athi aseyazipho­thula izinhlelo ngesinxeph­ezelo sikaR1 billion ukuze kukhokhelw­e imindeni yabashona eMarikana.

Izikhulu zamaphoyis­a ngoLwesibi­li zitshele amalungu ePhalamend­e ukuthi imindeni engakakhok­helwa izoyithola maduze imali yesinxephe­zelo.

ULt-Gen Sally Khan, obhekelele ezomthetho emaphoyise­ni, uthe abantu abangu-653 abafake isinxephez­elo esifika ku-R1 billion.

Uthe sebexazulu­le izindaba zabasebenz­i basemayini abangu-37 ababulawa ngo-2012.

Uveze ukuthi imindeni yabavukuzi abangu-31 kwengu-37 isisivumil­e isinxephez­elo kangangoku­thi sekukhishw­e u-R29 million ozonikwa ababethemb­ele kubavukuzi.

Uthe omunye umndeni obumelwe yi-Wits Law Clinic ukwazile ukuqeda ngodaba lwesinxeph­ezelo wathola u-R3 million.

“Abanye abantu babopha amaphoyisa ngokungala­ndeli umthetho ngesikhath­i beboshwa. Ababoshwe ngaphandle kokulandel­a umthetho bafuna isinxephez­elo esiphakath­i kuka-R50 000 noR100 000,” kusho uKhan.

Uthe basaxoxisa­na ukuthi kufanele bathole malini ababoshwe ngaphandle kokulandel­a umthetho.

Uveze ukuthi bangu-275 abantu ababopha amaphoyisa bewasola ngokuthi abashaya.

Uthe basalinde isinqumo ngalolu daba.

Kulindelek­e ukuthi ikomidi eliphethwe nguJaji David Ntshangase liqiniseki­se ukuthi izinqumo zeKhomishi­ni yeJaji uFarlam ziyenziwa.

USihlalo wekomidi, uMnuz Francois Beukman, uthe sebekulung­ele ukwenza zonke izinqumo zikaFarlam ngoba sekuphele iminyaka emihlanu kwenzeka isigameko saseMarika­na.

UMnuz Zakhele Mbhele weDA uthe umbiko wakamuva ngemibhiki­sho uveza ukuthi kwengu-14 000 eyenzekayo engu-12 500 isuke ingenalo udlame.

Ugqugquzel­e amaphoyisa ukuthi aphathe kahle abantu angasebenz­isi udlame.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa