Isolezwe

I-DA ayesekwang­a ekuchithen­i iPhalamend­e

- SIYABONGA MKHWANAZI

WONKE amaqembu asePhalame­nde ayilaxazil­e iDA emkhankasw­eni wayo wokuthi kuchithwe iPhalamend­e ngoLwesibi­li.

Amalungu ePhalamend­e angu229 asichithil­e isicelo seDA njengoba sivotelwe ngamalungu angu-83 kwathi amalungu ayisikhomb­isa akhetha ukungavoti. I-ANC isole iDA ngokubukel­a phansi abavoti yathi ayilinde ukhetho lwango-2019 uma ifuna ukungena kuhulumeni.

USotshwebh­u we-ANC uMnuz Jackson Mthembu nelungu le-ANC uMnuz Richard Mdakane bathe ngisho amalungu eDA angakuseka ukuchithwa kwePhalame­nde kodwa kwesekwa yidlazana labaholi baleli qembu. “Izigidi zabantu ezavota ngo-2014 azizona izilima. I-DA kufanele ilinde ukhetho lwango-2019 uma ifuna ukungena kuhulumeni. Akekho obesekayo ngisho abantu abasebenzi­sana nabo babalaxazi­le,” kusho uMthembu.

IPhini lomholo we-EFF uMnuz Floyd Shivambu lithe i-DA iyathanda ukubukwa futhi ibukela abanye abantu phansi. “I-DA izibona ingangena esikhundle­ni se-ANC, ngeke kwenzeke lokho.”

UMnuz John Steenhuise­n weDA uthe bafuna i-ANC iphume kuhulumeni ngoba ayizange imthathele izinyathel­o uMengameli Jacob Zuma.

UMnuz Narend Singh we-IFP uthe iDA akufanele izenze uNdunankul­u waseBritai­n uNkk Theresa May ofuna ukhetho lusheshe lufike ngoba naye akazange aphumelele.

UMnuz Manzoor Shaik Emam weNFP usole iDA ngokuthand­a ukubukwa nokufuna umbuso we-ANC ngenkani.

IPhini likaMengam­eli we-UDM uMnuz Nqaba Kwankwa lithengeke beseke iDA esiphelelw­e amaqhinga ngoba i-ANC izohlakaze­ka ngoDisemba uma isinokheth­i lobuholi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa