Isolezwe

Isomiso asibathika­mezanga abafuyile nabatshala­yo

- BONISWA MOHALE

INKINGA yesomiso ehlalise kabi abalimi kubonakala iba ngconywana kulo nyaka. Lokhu kuvezwe yisazi somnotho esithi sibona umehluko kubalimi abafuyile nabatshala ukudla.

UMnuz Paul Makube, oyisazi somnotho esigxile kwezolimo eFNB, uthe ezolimo zingenisa imali enhle emnothweni ngoba abalimi abafuyile bafaka u-47% emalini yezwe, kuthi abatshale izimbali nokudla okunhlobon­hlobo bafake u-29% no-23%.

INingizimu Afrika idayisa izinkukhu, intshe, inyama yenkomo, ummbila, izithelo okubalwa kuzo amawolints­hi nokunye okungenise u-R132 billion ngonyaka odlule.

UMakube uthe kwezolimo kuqashwe abantu abangu-835 000 ekoteni yesibili yalo nyaka. Kuqashwe kakhulu abantu eWestern Cape, Limpopo naKwaZuluN­atal.

“Silindele ukuthi isimo sibe ngcono uma sisiqhatha­nisa neminye iminyaka ngoba isivuno sezitshalo sizoba ngamathani angu-18.91 million. Lokhu kuzokwenza sibe phezulu ngo-101% uma siqhathani­sa nesangonya­ka odlule,” kusho uMakube.

Uthe isivuno sommbila balindele ukuthi sibe ngamathani angu-16.41 million, okusenza sinyuke ngo-111% unyaka nonyaka.

Uveze ukuthi kuleli kukhiqizwa u-87% wommbila odliwa ngabantu kuthi u-70% udliwe yimfuyo.

“Uma sibheka umkhakha wokutshalw­a kokudla nezithelo sithola ukuthi awuphazami­sekanga yize bekunesomi­so kwazise amapulazi amaningi anamadamu awo. Ukuntenga kwerandi kubasizile abalimi abadayisa imikhiqizo yabo kwamanye amazwe,” kusho uMakube.

Uthe balindele imvula ezoqeda isomiso kulo nyaka okusho ukuthi isivuno sangonyaka ozayo sizoba sihle kakhulu.

UMakube ubuye wathi abalimi abafuye izinkukhu eWestern Cape bangu-21.9%, kulandele iNorth West enabangu-21.3%, kuze iMpumalang­a ngo-15.8%, KwaZuluNat­al bangu-13.8%, Gauteng bangu-10.3%, Free State bangu-6.8%, Eastern Cape bangu-5.6% kanti eNorthern Cape bangu0.2%.

Abafuye izinkomo bagcwele e-Eastern Cape kwazise u-24% wabalimi abanezinko­mo ezingu-13.69 million ukhona, kulandela iKwaZulu-Natal ngo20%, Free State 17%, North West 12%, Mpumalanga 10%, Limpopo 7%, iWestern Cape neNorthern Cape ino-4% kuvale iGauteng ngo-2% wabalimi abafuyile.

Ummbila utshalwa kakhulu eMpumalang­a njengoba bengu-29.8% abalimi bawo, kulandele iFree State ngo-28.5%, kuze iNorth West ngo14.7%. INorthern Cape ikhiqiza u-9.1% wommbila kulandele iKwaZulu-Natal ngo-6.7%, Gauteng ngo-5.7%, Limpopo 4%, Eastern Cape 1% kugcine iWestern Cape ngo-4%.

Izithelo ezinezinhl­amvu okubalwa kuzo amapentshi­si, ama-plum nokunye zitshalwa kakhulu eWestern Cape naseEaster­n Cape.

Amawolints­hi akhiqizwa kakhulu ngabalimi baseLimpop­o abatshala u-42%, kulandele abase-Eastern Cape ngo-26%, Western Cape 16%, Mpumalanga 18%, KwaZulu-Natal 3% kugcine iNorthern Cape ngo-2%.

 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMNUZ Paul Makube oyisazi somnotho kwaFNB uthe isimo sizoba ngcono kwezolimo ngoba sesiphelil­e isomiso
Isithombe: SITHUNYELW­E UMNUZ Paul Makube oyisazi somnotho kwaFNB uthe isimo sizoba ngcono kwezolimo ngoba sesiphelil­e isomiso

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa