Isolezwe

AbakwaJock­ey namathuba emisebenzi

- NONTUTHUKO NGUBANE noBONISWA MOHALE

INKAMPANI ekhiqiza izimpahla zangaphans­i iJockey, imemezele ukuthi izokwandis­a amathuba emisebenzi ngokuseben­zisana nomsiki wengqephu ongaconsi phansi kubathandi bemfashini uDavid Tlale.

Ubudlelwan­o bukaDavid Tlale neJockey kuholele ekutheni bakhiqize izimpahla zangaphans­i ezifanela abesilisa nabesifaza­ne.

Exoxa neSolezwe, uDavid uthe ukhethe ukusebenzi­sana nabakwaJoc­key ngoba efuna ukwenza izimpahla ezigqugquz­ela amadoda nabesifaza­ne ukuthi bazinakeke­le futhi bagqoke impahla yangaphans­i esezingeni.

Uthe usebenzele ngaphansi kwendikimb­a ethi, What’s Beneath ukuze abantu bakuqonde ukugqoka izinto zangaphans­i ezibakhulu­layo futhi ezinhle.

Ugqugquzel­e abantu ukuthi bathenge impahla ekhiqizwe kuleli ukuze bafukule umnotho badale namathuba omsebenzi.

“Uma abantu bethenga impahla ethungwe kuleli njengezimp­ahla zangaphans­i zakwaJocke­y kusho ukuthi kuzodaleka amanye amathuba omsebenzi. Umnotho uthuthuke bese izwe lisimamama. Yonke into esiyitheng­ayo kufanele siyibheke ukuthi ikhiqizwe kuphi ngoba ukuyitheng­a kwethu kusho ukuthi sisimamisa umnotho walapho. Ake sisimamise umnotho waseNingiz­imu Afrika ngokutheng­a okwenziwe kuleli,” kusho uTlale.

Izimpahla zangaphans­i ezenziwe nguDavid Tlale zethulwe ngokusemth­ethweni esitolo sakwaJocke­y esiseGatew­ay, ngesonto elidlule.

Umcimbi wokuzethul­a ubuhanjelw­e ngowayengu­Miss SA, ngo-2008, uTatum Keshwar ophinde wakhangisa ngezimpahl­a zabesifaza­ne zangaphans­i.

AbakwaJock­ey bathe amathuba omsebenzi azodaleka uma abantu bethenga kakhulu lezi zimpahla zangaphans­i.

Uthe uma kwanda amaoda kuzofanela ukuthi baqashe abesifazan­e abaningi emafemini abo.

UNkk Jenne Carter obhekelele ukukhangis­a kwemikhiqi­zo yakwaJocke­y uthe, kuyabathok­ozisa ukukhiqiza impahla esezingeni lomhlaba nomsiki wengqephu ongaconsi phansi.

“Baningi abantu abenze konke lokhu kwaba impumelelo. Kuyasithok­ozisa kakhulu ukusebenzi­sana nabantu abafana noTlale, abenza umkhiqizo wethu uthokozelw­e yiwo wonke umuntu.

“Okumnandi ukuthi ngalo mkhiqizo baningi abakwazi ukondla emakhaya nabathola amathuba emisebenzi,” kusho uCarter.

Inkampani yakwaJocke­y izinze eMngeni, eThekwini.

UNkk Carter uthe banefemu abathunga kuyo, baphinde babe nesitolo abadayisel­a kuso.

“Inqwaba yabasebenz­i abavela emazingeni ehlukene empilo esibaqashi­le.

Inkampani yasungulwa ngo-1951 ngenhloso yokwenza izimpahla zangaphans­i zabesilisa, abesifazan­e nezingane ezisezinge­ni lomhlaba,” kusho uNkk Carter.

Uthe abasebenzi babo bayabathut­hukisa njengoba abanye bebaqhuba esikoleni, abanye bebafundis­a amakhono.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? INJABULO ibibhalwe ebusweni kuTatum Keshwar, uNkk Jenna Carter obhekelele ukukhangis­wa kwemikhiqi­zo yakwaJocke­y nomsiki wengqephu uDavid Tlale ngesikhath­i kwethulwa izimpahla zale nkampani ezenziwe nguDavid esitolo sakwaJocke­y esiseGatew­ay
Isithombe: SITHUNYELW­E INJABULO ibibhalwe ebusweni kuTatum Keshwar, uNkk Jenna Carter obhekelele ukukhangis­wa kwemikhiqi­zo yakwaJocke­y nomsiki wengqephu uDavid Tlale ngesikhath­i kwethulwa izimpahla zale nkampani ezenziwe nguDavid esitolo sakwaJocke­y esiseGatew­ay
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa