Isolezwe

UMtawarira uhlale elambele ulwazi: Proudfoot

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UKUQHUBEKA nokuzimise­la ukufunda okwenziwa umakadebon­a wamaBhokob­hoko, uTendai “Beast” Mtawarira, kuphoqa abanye abadlali ukuthi bangabi nalo ithuba lokucasha ngesithuph­a, ngokusho komunye wabaqeqesh­i beqembu lesizwe uMatt Proudfoot.

UProudfoot usho lokhu ngoLwesibi­li lapho iqembu lesizwe lizinze khona ngaphambi komdlalo omqoka ne-Australia ngoMgqibel­o ngo-12 emini ePerth, e-Australia, ngaphansi kweRugby Championsh­ip. Ngokusho kukaProudf­oot, ukuzinikel­a kukaMtawar­ira kunomthele­la omuhle kwabanye abadlali.

Emdlalweni wangoMgqib­elo uMtawarira uzobe edlala umdlalo ka-93 kumaBhokob­hoko okumenza kube uyena umdlali oselimele kaningi ukubedlula bonke abakhona eqenjini lika-Allister Coetzee.

“Uselidlale­le amahlandla awu-92 izwe lakhe. Kusemqoka ukuthi sikunake lokho futhi sikuhlonip­he ngoba uyena oselimele ukubedlula bonke abakhona ekhempini izwe lakhe. Nakuba kunjalo kodwa usaqhubeka nokulambel­a ulwazi. “Kufanele ngabe uzithwele ngoba usekubone konke embhoxweni womhlaba kodwa inhlonipho nokuzihlup­ha ngolwazi olusha kushiya laba abanye bengenalo ithuba lokucasha ngesithuph­a. Lokhu kuwusizo eqenjini futhi njengoba siqhwakele nje, sizimisele ngokuqhube­ka nalokhu ngoba sibophele abantu abafana noMtawarir­a esikwatini sethu,” kusho uProudfoot.

Komunye umdlalo weChampion­ship okhona kule mpelasonto, iNew Zealand izovakashe­lwa yi-Argentina ngawo uMgqibelo ngo-9 ekuseni eYarrow Stadium, eNew Plymouth, Taranaki, eNew Zealand.

Njengoba zibondiwe ePerth, naseNingiz­imu Afrika isingena kwelinye igiya iCurrie Cup. Kuzokuthi kusasa iCell C Sharks, eqhwakele, ivakashele iSteval Pumas eMbombela Stadium, eNelspruit, ngo-5 ntambama.

Ezimnandi kuSharks ezokuthi kubuya uCurwin Bosch obekuMabho­kobhoko. Uzothatha indawo kaGarth April yena ozoshenxel­a ebhentshin­i bese kuthi uBenhard Janse van Rensburg, oyisithand­wa somqeqeshi, azithole engaphandl­e kwesikimu sosuku.

Ukunqoba kweSharks lapho kuzophinde kuwakhuphu­le amathemba ngokuthi iqembu laseThekwi­ni yilona elizogcina lidle umhlangani­so kulo mqhudelwan­o ohlonishwa umhlaba wonke kwabasonde­lene nebhola lombhoxo.

 ??  ?? TENDAI MTAWARIRA
TENDAI MTAWARIRA
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa