Isolezwe

Izinhlelo zokubhalis­a abangaphan­dle kwiDowns

- MINENHLE MKHIZE

IMAMELODI Sundowns isezinhlel­weni zokubhalis­a abadlali bayo bangaphand­le uCuthbert Malajila noMogakolo­di Ngele.

Bobabili laba badlali bebeboleki­swe kwiBidvest Wits abayisize yadla isicoco se-Absa Premiershi­p neMTN 8 ngesizini edlule.

ISundowns iwusebenzi­se waphela uphawini wayo wokubhalis­a abadlali abahlanu abadabuka ngaphandle.

Abafana Ba Style babhalise uLeonardo Castro ovela eColombia, uFares Hachi wase-Algeria, Soumahoro Bangaly noYannick Zakri bobabili abaqhamuka e-Ivory coast, noRazak Brimah waseGhana.

U-Anthony Laffor waseLiberi­a, Kennedy Mweene waseZambia, Khama Billiat waseZimbab­we noDenis Onyango wase-Uganda babhaliswe njengabadl­ali baseNingiz­imu Afrika.

UThulani Thuswa wezokuxhum­ana kwiSundown­s udalule izindaba zokuthi uMalajila noNgele bazobhalis­wa kwiPremier Soccer League yize okwamanje bengekho ohlwini lwabadlali ababhalisw­e yiqembu.

“UNgele noMalajila sifake isicelo sokuthi bathole omasizi baseNingiz­imu Afrika ngoba sebengakwa­zi ukubathola. Bangabadla­li beSundowns futhi singababha­lisa noma yinini uma sekulunge omasizi babo. Okwamanje bebengakab­atholi. Ukuvalwa kwewindi lokuhwebel­ana ngabadlali ngeke kubaphazam­ise nakancane,” kusho uThuswa.

UMalajila noNgele ngeke bakwazi ukudlala kwiCAF Champions League ngoba badlalile kwiWits kuwona lo mqhudelwan­o. Phezu kwalokho ukubhalisw­a kwabadlali abasha emiqhudelw­aneni yeConfeder­ation of African Football (CAF) kudala kwavalwa.

ISundowns ibhalise uGeorge Lebese, Oupa “Ace” Manyisa noThela Ngobeni.

Abafana Ba Style yibona abavikela isicoco seCAF Champions League. Kumaquarte­rfinal alo mqhudelwan­o bazodudula­na neWydad Casablanca yaseMorocc­o ekhaya nasekuhamb­eni.

UMalajila uzobanga ijezi noCastro, Zakri noBilliat kwiSundown­s. Ngakolunye uhlangothi uNgele uzobanga indawo noLebese ngakwesoku­nxele phambili. UNgele uyakwazi ukudlala nangemuva kwabagadli.

Omunye umdlali weSundowns obekungaca­ci ngaye ngu-Abdul Fiston Razak. Uke wamatanisw­a nePlatinum Stars ebifuna ukumsayini­sa.

Ngesizini edlule ubebolekis­we kwiBloemfo­ntein Celtic.

“UFiston akayona ingxenye yeqembu, akabhalisw­anga. Yingakho igama lakhe lingaveli kubadlali ababhalisi­we. Kungenzeka simkhulule ukuze athole iqembu azodlala kulona.

“Nokho lokho bekungakaq­inisekiswa. Njengoba nazike bakhona abadlali esesibaded­elile.

“UMario Booysen ujoyine i-Ajax Cape Town kwathi uBongi Ntuli saphinde sambolekis­a kwiPlatinu­m Stars,” kuchaza uThuswa.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMOGAKOLOD­I Ngele weMamelodi Sundowns angase aqhubeke nokuhlala eqenjini yize engakabhal­iswa kwiPSL
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMOGAKOLOD­I Ngele weMamelodi Sundowns angase aqhubeke nokuhlala eqenjini yize engakabhal­iswa kwiPSL
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa