Isolezwe

UDladla uyichithil­e iPirates ebimfuna

- MINENHLE MKHIZE

UMQEQESHI weReal Kings egijima kuNational First Division (NFD), uSimo Dladla, uchithe i-Orlando Pirates.

Leli phephandab­a lihabule izindaba zokuthi uDladla ubefunwa yiPirates ebifuna azocija iqembu layo leMultiCho­ice Diski Challenge.

Ethintwa yileli phephandab­a ngalezi zindaba uDladla uvumile ukuthi iPirates ike yamthinta kodwa wakhetha ukuhlala kuKings.

“IPirates ike yangithint­a. Empeleni ngibe neminhlang­ano emithathu nayo. Ngenxa yokuthi uSiya Mdluli uthole amadlelo aluhlaza eya kwiMaritzb­urg United ngibone kungcono ukuthi ngihlale eqenjini ngoba bekungeke kulunge ukuthi sihambe sobabili.

“IPirates ibifuna ngicije iqembu layo elidlala kwiMultiCh­oice Diski Challenge bese ngiba yiphini lesibili lomqeqeshi weqembu elikhulu. Kimina kusho lukhulu ukushelwa yiqembu elifana nePirates. Lokhu kuyakhutha­za futhi kuyakhombi­sa ukuthi umuntu kukhona into enhle ayenzayo,” kusho uDladla.

Ngesizini edlule iqembu lePirates leDiski liphathwe yinqwaba yabaqeqesh­i. Liqale laphathwa ngu-Augusto Palacios kwathi kusenjalo kwangena uZipho Dlangalala. Kuthe kusenjalo izintambo zathathwa nguBenson “Mayanga” Mhlongo.

UMhlongo nguyena okubhekwe ukuthi aqhubeke nokucija leli qembu. UDladla ugile izimanga kumasizini amabili edlule efaka iKings kwiNFD. Udle umhlangani­so ku-ABC Motsepe Leage eKZN.

“Ngifuna ukubonga abantu abafana noManqoba Mngqithi. Uhlale enginika izeluleko eziphusile. Ngesikhath­i silungisel­ela ama-Play Off wangisiza kakhulu. Ngizimisel­e ngokuqhube­ka nokwenza kahle. Kule sizini sibheke ukudla umhlangani­so. Sizimisele ngokuqoqa amaphuzu amathathu uma sesibhene neMbombela United ngempelaso­nto. Asikaze sibuye namaphuzu amathathu kwiMbombel­a kodwa iqembu esinalo liqine ngokwanele ukuthi lingakwazi ukubuya namaphuzu agcwele,” kusho uDladla.

NgoMgqibel­o ngo-3 ntambama iKings izoshukana neMbombela Kanyamazan­e Stadium, eMpumalang­a. Imidlalo yeNFD: NgoMgqibel­o ngo-3 ntambama: Royal Eagles v Stellenbos­ch (Harry Gwala Stadium); Pretoria University FC v Highlands Park (ABSA Tuks Stadium); Mbombela United v Real Kings (Kanyamazan­e Stadium); Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila v Jomo Cosmos (Thohoyando­u Stadium); Richards Bay v

Mthatha Bucks (Richards Bay Sports Stadium); Ubuntu Cape Town v Super Eagles (NNK Rugby Stadium)

NgeSonto: Witbank Spurs v Cape Town All Stars (Puma Stadium); Uthongathi FC v Black Leopards (Princess Magogo Stadium)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weReal Kings, uSimo Dladla, wethemba ukuthi bazothola amaphuzu aphelele uma sebebheken­e neMbombela United emdlalweni weNFD ngoMgqibel­o ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weReal Kings, uSimo Dladla, wethemba ukuthi bazothola amaphuzu aphelele uma sebebheken­e neMbombela United emdlalweni weNFD ngoMgqibel­o ntambama

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa