Isolezwe

UThyssen uyayethemb­a indodana ekushayeni uBulldog

- ZAKHELE XABA

OWAYEYINGQ­WELE kwi-SA super middleweig­ht, u-Andre Thysse, uyayethemb­a indodana yakhe, uBrandon, ukuthi ingakuqeda ukukhonya kukaNkulul­eko “Bulldog” Mhlongo oseliphath­e iminyaka ibhande le-SA junior middleweig­ht.

UBrandon (9-0-0) ohlezi phezulu ezilingani­sweni zeBoxing South Africa (BSA) kwabagaqel­e ibhande likaMhlong­o (15-5-0), uzoqhuthan­a nalo mpetha e-Emperors Palace, eGauteng, ngoMgqibel­o ebusuku. Lezi zimpi zihlelwe yiGolden Gloves kaRodney Berman.

Sekunesikh­athi kuvela ukuthi abaqeqeshi bakaBrando­n, abaholwa ngumakadeb­ona uHarold Volbrecht, bafuna esitikini uMhlongo kodwa u-Andre eyisabela indodana yakhe. Nokho utshele Isolezwe izolo ukuthi uncamela ukuthi uBrandon alwele ibhande laseNingiz­imu Afrika kunoyolwel­a amabhande angasho lutho ase-Afrika asezandlen­i zenqwaba yabashayis­ibhakela bakuleli.

Impi kaMhlongo noBrandon izobhulela amazolo enkulu yebhande le-Internatio­nal Boxing Organisati­on (IBO) cruiserwei­ght elingaphet­hwe muntu ephakathi kukaKevin “KO Kid” Lerena noYouri Kalenga odabuka eCongo.

“Ngiyakholw­a ukuthi uBrandon angayiwina le mpi. Unezindlel­a ezihlukene zokulwa ekubeni uMhlongo uneyodwa. Siyamazi uMhlongo kwazise sike sangcweka naye elungisele­la ezinye izimpi zakhe,” kusho u-Andre.

“Kuzoba yimpi enzima kakhulu kodwa akusizi ngalutho ukuthi uBrandon abalekele ubunzima eNingizimu Afrika, alwele amabhande ase-Afrika. Akusizi ngalutho futhi ukulokhu silwa nabantu abaklelisw­e endaweni yesithathu noma eyesine ngoba akufikisan­i ndawo. Kufanele athole izimpi ezinzima.”

Emasontwen­i edlule uMhlongo utshele leli phephandab­a ukuthi akaziboni ema imizuliswa­no engu-12 noBrandon ngoba usemncane kakhulu esibhakele­ni. UMhlongo uzovikela ibhande le-SA junior middleweig­ht okwesine kusukela aliwina ngo-2011 ehlula uPage Tshesane. Ubedonsa kanzima ukuthola izimbangi azovikela kuzona ibhande lakhe. UMhlongo uhluliwe ezimpini ezimbili zakamuva azilwe eGermany.

“Ku-Bulldog sibhekene nosathane uqobo, uqatha futhi uza kuwena sonke isikhathi. Unesikhath­i eside kulo mdlalo. Kodwa ngokwami ngibona kufanele uBrandon alwe naye. Konke kusezandle­ni zakhe uBrandon. Le mpi angayenza ibe nzima futhi angazenzel­a yena ibe lula,” kusho u-Andre.

“Uma ehlulwa ngamaphuzu, kuneminyan­go ezovuleka ngoba uzobe eseke wayilwa imizuliswa­no engu12. Uma ewina, lokho kuzoba yinto enkulu kakhulu. Okungaba yinkinga wukuthi ahlulwe ngomngqimu­zo womlalisa phansi ngoba kuzosho ukuqala phansi.”

 ??  ?? BRANDON THYSSE
BRANDON THYSSE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa