Isolezwe

UBaxter uzivikele izinqumo ngabadlali

-

UBaxter uqale umdlalo phambili ebophele uBradley Grobler noTokelo Rantie. Esiswini iphinde yangabi khona indawo kaJali eqala ngoDean Furman noHlompho Kekana. UKekana uthathe indawo kaBongani Zungu owayeqale umdlalo noFurman emlenzeni wokuqala ekuhambeni.

Kudume iMabhida ngesikhath­i uJali ezilula ngaphandle kwenkundla eselungise­lela ukungena esiwombeni sesibili. Ngaleso sikhathi bese konakele iBafana isilandela ngemuva ngo 2-0. Abalandeli bakhombise ukumjabule­la uJali ongene endaweni kaBradley Grobler. UJali uyena oshaye igoli lokubika. Lolu bekuwushin­tsho lwesibili lukaBaxter, njengoba eqale ngokudonsa uThemba Zwane kwangena uLebo Manyama.

Ebuzwa uBaxter ukuthi ucabangani ngokungahl­angani kwabagadli aqale ngabo, usheshe wayikhalim­a intatheli, wathi: “Ngathi ubuka kakhulu ithelevish­ini. Sidlale ngabagadli abathathu. UKeagan (Dolly) ubengomuny­e wabagadli. Kumele uqale uqonde indlela ebesiyidla­la ngaphambi kokuthi uthi ayizange isebenze.”

Uthe inhloso bekuwukuhl­asela ngabadlali basemuva ezinhlango­thini bese, uDolly ejoyina kuRantie noGrobler phambili. Nokho lokhu akuzange kubonakale yize ekhona amabhola awele uGrobler kodwa wadlala ngomsebenz­i.

Ngesikhath­i efaka uJali, enkundleni bekusekhon­a uKekana noFurman. Lokhu abanye bakubone njengokugq­isha isisu ngenhloso yokuvala izitha.

“UJali bengimfaka njengomuny­e wabadlali abahlasela­yo. Besilandel­a ngemuva ngo 2-0. Bekuyisikh­athi esifanele sokumfaka. Abanye bazothi ngenze iphutha, bathi ngimfake ngesikhath­i esingafane­le futhi ngifake umdlali ongafanele,” kusho uBaxter.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa