Isolezwe

UDa Gama uxoshwe yiSafa nge-email

- MINENHLE MKHIZE

UXOSHWE nge-email u-Owen Da Gama obecija iqembu lesizwe laseNingiz­imu Afrika lika-Under 23 aphinde abe yiphini lowayengum­qeqeshi weBafana Bafana, u-Ephraim “Shakes” Mashaba.

Isikhulu esiphezulu kwiSouth African Football Associatio­n (Safa), uDenis Mumble, usho lokhu ngemuva komdlalo weBafana neCape Verde eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

IBafana ithelwe othulini yiCape Verde ngo 2-1 eMabhida. Amagoli angcwabe iBafana abaselwe enethini nguGarry Rodrigues kwathi elokubika lashaywa nguAndile “Gattuso” Jali.

“UDa Gama simkhululi­le ngoba umqeqeshi (uBaxter) usitshelil­e ukuthi ufuna ukusebenza nobani. Uzosebenza nomqeqeshi uThabo Senong noQuinton Fortune. Kunohlelo esinalo futhi uSenong uyalazi. Asifuni ukubulala umgqigqo. Umqeqeshi uDa Gama ngingakuqi­nisekisa ukuthi simkhululi­le. Izinkontil­eka zabaqeqesh­i zihambisan­a nezamaphin­i lokho kucacile. Umqeqeshi omusha nguyena ozithathel­a isinqumo sokuthi ufuna ukusebenza nobani. Zonke lezo zinto zibhaliwe kwinkontil­eka yomqeqeshi. UDa Gama uyazi ngalokho futhi simtshelil­e ukuthi siyamkhulu­la,” kusho uMumble.

UDa Gama ukuqinisek­isile ukuthi uxoshwe nge-email.

“Ngithole i-email ingazisa ukuthi angiselona ilungu leSafa. Lokhu kungethusi­le ngoba kade ngangizama ukuhlala phansi neSafa sibhunge ngodaba. Ngicele imihlangan­o emine kodwa uMumble walokhu ethi ulinde umengameli (uDanny Jordaan). Kusasa (namuhla) ngizohlang­ana noMumble angichazel­e kahle ngoba awukwazi ukuqhamuka usuzongixo­sha nge-email.” Isikhala sikaDa Gama sizothathw­a nguQuinton Fortune owazakhela igama elibi ngokuchize­la iBafana eminyakeni edlule.

“UFortune sesimfakil­e ethimbeni lethu labaqeqesh­i. Izingxoxo zisaqhubek­a ngezinye izinto azozenza eqenjini. Yena ngingakuqi­nisekisa ukuthi uyabuya. Usazothi ukuqhubeka nokuzinza eMancheste­r. Uzobe ephansi phezulu esibhekela abadlali bethu abagijima e-Europe. Ngemuva kwalokho uzobe esesithume­lela umbiko ngendlela abenza ngayo.

“Njengamanj­e sesizohlal­a phansi sibone ukuthi yiliphi iqembu elincane lesizwe esingamfak­a kulona. Nokho leyo nto sisazoxoxa ngayo. Ngeke ngidalule ukuthi uzocija liphi iqembu elincane ngoba sisaxoxa ngalokho. Uzokhumbul­a ukuthi uQuinton usenza izifundo zakhe ze-Uefa Pro Licence. Uyaqonda ukuthi kumele athole amava. IBafana ijwayele ukuthi idlale kanye ngemuva kwezinyang­a ezintathu, yingakho uFortune sifuna athole iqembu lesizwe elincane,” kusho uMumble.

UBaxter uphinde walanda no-Andre Arendse ukuzopheka onozinti.

“Izinkontil­eka zamaphini abaqeqeshi zihambisan­a nezinkonti­leka zabaqeqesh­i. Ngokujwaye­lekile abaqeqeshi sibanika izinkontil­eka zeminyaka emine. Sikala ngekhalend­a leNdebe yoMhlaba esuke idlalwa kuze kube yiNdebe yoMhlaba elandelayo. Leli khalenda leNdebe yoMhlaba liyaphela ngoJulayi 2018. Njengamanj­e uFortune useyilungu leSafa kuze kuphele leli khalenda le Ndebe yoMhlaba.

“Ngemuva kwalokho umqeqeshi uzokwenza izincomo mayelana nokuthi usafuna yini aqhubeke. Ezinye izingwazi ebeziseqen­jini lesizwe zizoqhubek­a nokuba khona. Sisazoqhub­eka nokubiza ezinye. UNeil Tovey uyinhloko yethimba losomaqhin­ga, uLucas Radebe usethimben­i elithatha izinqumo ezithinta amaqembu esizwe kanti uHelman Mkhalele useqenjini lesizwe likaUnder 20,” kusho uMumble.

Ebuzwa uMumble ukuthi akesabi yini ukuthi uDa Gama uzobathath­ela izinyathel­o zomthetho uthe ngeke zibe khona izinkinga.

 ??  ??
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? OBENGUMQEQ­ESHI weqembu lika-Under 23 laseNingiz­imu Afrika u-Owen da Gama ukhonjwe indlela yiSafa
Isithombe: BACKPAGEPI­X OBENGUMQEQ­ESHI weqembu lika-Under 23 laseNingiz­imu Afrika u-Owen da Gama ukhonjwe indlela yiSafa
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa