Izinhlelo zokubhalisa abangaphandle kwiDowns
IMAMELODI Sundowns isezinhlelweni zokubhalisa abadlali bayo bangaphandle uCuthbert Malajila noMogakolodi Ngele.
Bobabili laba badlali bebebolekiswe kwiBidvest Wits abayisize yadla isicoco se-Absa Premiership neMTN 8 ngesizini edlule.
ISundowns iwusebenzise waphela uphawini wayo wokubhalisa abadlali abahlanu abadabuka ngaphandle.
Abafana Ba Style babhalise uLeonardo Castro ovela eColombia, uFares Hachi wase-Algeria, Soumahoro Bangaly noYannick Zakri bobabili abaqhamuka e-Ivory coast, noRazak Brimah waseGhana.
U-Anthony Laffor waseLiberia, Kennedy Mweene waseZambia, Khama Billiat waseZimbabwe noDenis Onyango wase-Uganda babhaliswe njengabadlali baseNingizimu Afrika.
UThulani Thuswa wezokuxhumana kwiSundowns udalule izindaba zokuthi uMalajila noNgele bazobhaliswa kwiPremier Soccer League yize okwamanje bengekho ohlwini lwabadlali ababhaliswe yiqembu.
“UNgele noMalajila sifake isicelo sokuthi bathole omasizi baseNingizimu Afrika ngoba sebengakwazi ukubathola. Bangabadlali beSundowns futhi singababhalisa noma yinini uma sekulunge omasizi babo. Okwamanje bebengakabatholi. Ukuvalwa kwewindi lokuhwebelana ngabadlali ngeke kubaphazamise nakancane,” kusho uThuswa.
UMalajila noNgele ngeke bakwazi ukudlala kwiCAF Champions League ngoba badlalile kwiWits kuwona lo mqhudelwano. Phezu kwalokho ukubhaliswa kwabadlali abasha emiqhudelwaneni yeConfederation of African Football (CAF) kudala kwavalwa.
ISundowns ibhalise uGeorge Lebese, Oupa “Ace” Manyisa noThela Ngobeni.
Abafana Ba Style yibona abavikela isicoco seCAF Champions League. Kumaquarterfinal alo mqhudelwano bazodudulana neWydad Casablanca yaseMorocco ekhaya nasekuhambeni.
UMalajila uzobanga ijezi noCastro, Zakri noBilliat kwiSundowns. Ngakolunye uhlangothi uNgele uzobanga indawo noLebese ngakwesokunxele phambili. UNgele uyakwazi ukudlala nangemuva kwabagadli.
Omunye umdlali weSundowns obekungacaci ngaye ngu-Abdul Fiston Razak. Uke wamataniswa nePlatinum Stars ebifuna ukumsayinisa.
Ngesizini edlule ubebolekiswe kwiBloemfontein Celtic.
“UFiston akayona ingxenye yeqembu, akabhaliswanga. Yingakho igama lakhe lingaveli kubadlali ababhalisiwe. Kungenzeka simkhulule ukuze athole iqembu azodlala kulona.
“Nokho lokho bekungakaqinisekiswa. Njengoba nazike bakhona abadlali esesibadedelile.
“UMario Booysen ujoyine i-Ajax Cape Town kwathi uBongi Ntuli saphinde sambolekisa kwiPlatinum Stars,” kuchaza uThuswa.