Isolezwe

Kuphoxeke nabadlali bakudala ngeBafana

- MALIBONGWE MDLETSHE noLUNGILE MAJOKA

BAPHOXEKIL­E abadlali bakudala beBafana Bafana iphisana ngamaphuzu ayisithuph­a kwiCape Verde okulahle amathuba esikwati sikaStuart Baxter okuzibekis­ela indawo kwiNdebe yoMhlaba eseRussia ngonyaka ozayo.

UPapi Zothwane oqale ukugqoka ijezi leBafana ngo-2006 noSurprise Moriri obesesikwa­tini sikaAlbert­o Parreira seNdebe yoMhlaba ka-2010, bakubeke obala ukuphoxeka kwabo ngokuhlulw­a kweNingizi­mu Afrika yiCape Verde kabili kulandelan­a.

Okokuqala kube ngoSpethem­ba 1 ePraia iBafana iguqa kwiCape Verde ngo-2-1 nobekungok­okuqala emlandweni wala mazwe ukwehlulwa kweNingizi­mu Afrika.

Iphinde yaludedela uswazi iBlue Sharks kwiBafana eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, iyithela omunye u-2-1 okuyishove­le ekugcineni kuGroup D lapho beqhathwe khona neBurkina Faso neSenegal.

UZothwane noMoriri bebekhulum­a nabezindab­a esithangam­ini sokwethulw­a kweMultiCh­oice Diski Challenge eMoses Mabhida Stadium izolo emini.

“Kulukhuni ukuphendul­a indaba yeBafana yokunganqo­bi izolo. Kuhlezi kukhalwa ngokuthuth­ukiswa kwabadlali. Kade sibashints­ha abaqeqeshi kodwa isimo asiguquki.” kusho uZothwane, oyiphini likaVusumu­zi Vilakazi eqenjini leLamontov­iile Golden Arrows leMDC.

“Uqinisile uPapi. Nami kungiphule inhliziyoo ukushayelw­a ekhaya izolo (ngoLwesibi­li),” kusho uMoriri, oyiphini likaDavid Notoane kwiMamelod­i Sundowns evikela isicoco seMDC.

“Isikwati seBafana siqine kabi obekwenza libe phezulu ithemba lokuthi sizoya kwiNdebe yoMhlaba. Bengithi sizokwenza kangcono kunezinye kodwa njengoba sazi-ke ebholeni akuyi ngokuthi ulindeleni. Ukube ubungababu­za laba badlali ngaphambi kwemidlalo neCape verde ukuthi ‘ningavuma ukuthatha amaphuzu amathathu’ bebezothi ‘cha, sifuna ayisithuph­a’. Ngakho siyacasula nje ngempela lesi simo.

“Akufanele kodwa silahle ithemba. Kufanele silwele ukuthi ngomuso siba nesikwati esiqine nakakhulu. Kuhle abadlali bathole la mathuba ezinhlaken­i ezifana nalezi (MDC) ngoba kunika isithombe esigcwele,” kugcizelel­a uMoriri. Imidlalo yangempela­sonto yeMDC NgoMgqibel­o: Bloem Celtic v Mamelodi Sudnowns (10am, Sugar Ray Xulu); Baroka FC v Bidvest Wits (10am, Peter Mokaba); AmaZulu FC v Orlando Pirates (12pm, Sugar Ray Xulu); Cape Town City v Polokwane City (12pm, Gugulethu Stadium); SuperSport United v Platinum Stars (12pm, Lucas Moripe); Chippa United v Ajax Cape Town (12pm, Wolfson Stadium).

NgeSonto: Maritzburg United v Free State Stars (10am, Sugar Ray Xulu); Golden Arrows v Kaizer Chiefs (12pm, Sugar Ray Xulu).

 ??  ?? SURPRISE MORIRI
SURPRISE MORIRI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa