UDladla uyichithile iPirates ebimfuna
UMQEQESHI weReal Kings egijima kuNational First Division (NFD), uSimo Dladla, uchithe i-Orlando Pirates.
Leli phephandaba lihabule izindaba zokuthi uDladla ubefunwa yiPirates ebifuna azocija iqembu layo leMultiChoice Diski Challenge.
Ethintwa yileli phephandaba ngalezi zindaba uDladla uvumile ukuthi iPirates ike yamthinta kodwa wakhetha ukuhlala kuKings.
“IPirates ike yangithinta. Empeleni ngibe neminhlangano emithathu nayo. Ngenxa yokuthi uSiya Mdluli uthole amadlelo aluhlaza eya kwiMaritzburg United ngibone kungcono ukuthi ngihlale eqenjini ngoba bekungeke kulunge ukuthi sihambe sobabili.
“IPirates ibifuna ngicije iqembu layo elidlala kwiMultiChoice Diski Challenge bese ngiba yiphini lesibili lomqeqeshi weqembu elikhulu. Kimina kusho lukhulu ukushelwa yiqembu elifana nePirates. Lokhu kuyakhuthaza futhi kuyakhombisa ukuthi umuntu kukhona into enhle ayenzayo,” kusho uDladla.
Ngesizini edlule iqembu lePirates leDiski liphathwe yinqwaba yabaqeqeshi. Liqale laphathwa ngu-Augusto Palacios kwathi kusenjalo kwangena uZipho Dlangalala. Kuthe kusenjalo izintambo zathathwa nguBenson “Mayanga” Mhlongo.
UMhlongo nguyena okubhekwe ukuthi aqhubeke nokucija leli qembu. UDladla ugile izimanga kumasizini amabili edlule efaka iKings kwiNFD. Udle umhlanganiso ku-ABC Motsepe Leage eKZN.
“Ngifuna ukubonga abantu abafana noManqoba Mngqithi. Uhlale enginika izeluleko eziphusile. Ngesikhathi silungiselela ama-Play Off wangisiza kakhulu. Ngizimisele ngokuqhubeka nokwenza kahle. Kule sizini sibheke ukudla umhlanganiso. Sizimisele ngokuqoqa amaphuzu amathathu uma sesibhene neMbombela United ngempelasonto. Asikaze sibuye namaphuzu amathathu kwiMbombela kodwa iqembu esinalo liqine ngokwanele ukuthi lingakwazi ukubuya namaphuzu agcwele,” kusho uDladla.
NgoMgqibelo ngo-3 ntambama iKings izoshukana neMbombela Kanyamazane Stadium, eMpumalanga. Imidlalo yeNFD: NgoMgqibelo ngo-3 ntambama: Royal Eagles v Stellenbosch (Harry Gwala Stadium); Pretoria University FC v Highlands Park (ABSA Tuks Stadium); Mbombela United v Real Kings (Kanyamazane Stadium); Tshakhuma Tsha Madzivhandila v Jomo Cosmos (Thohoyandou Stadium); Richards Bay v
Mthatha Bucks (Richards Bay Sports Stadium); Ubuntu Cape Town v Super Eagles (NNK Rugby Stadium)
NgeSonto: Witbank Spurs v Cape Town All Stars (Puma Stadium); Uthongathi FC v Black Leopards (Princess Magogo Stadium)