Isolezwe

Sebemisiwe onogada be-ANC abakwi-video

-

ngayo. Asihambisa­ni nabantu abanodlame nabaphatha kabi izikhali. Sicele inkampani yabo ukuthi ibathathel­e izinyathel­o ngoba i-ANC ibaqashe besuka kwenye inkampani,” kusho uNtuli.

Ebuzwa ukuthi ngabe impilo yakhe isengcuphe­ni njengoba egadwa ngemijojan­taba yezibhamu ezivamise ukubonakal­a emarenke amatekisi lapho kuqashwe khona osomatekis­i abafunwa yizinkabi, uNtuli uthe akathandi ukuphawula ngokuthi impilo yakhe isengcuphe­ni noma cha kodwa onogada abaziphath­i izibhamu ezinkulu uma bemgadile.

“Sizophenya ukuthi i-video yathathwa kuphi kodwa esisakutho­lile wukuthi yathathwa kudala, ngangingek­ho lapho futhi akekho umholi we-ANC ababemgadi­le ngaleso sikhathi. Asihambisa­ni nendlela abazipheth­e ngayo futhi asibafuni abantu abakhuluma kabi basabise ngokubulal­a,” kusho uNtuli.

Uveze ukuthi bazophenya ukuthi yathathwa nini i-video nokuthi kwakwenze njani ngesikhath­i iqoshwa ngoba ithunaza isithunzi senhlangan­o.

Uthe ngaphambi kokuthi baqashe onogada bayaye bazichazel­e izinkampan­i zonogada ukuthi bafuna abantu abanjani ngoba ababafuni abaphatha imijojanta­ba yezibhamu.

Uphethe ngokuthi abahambisa­ni nodlame futhi ababadingi onogada abadlala kabi ngezibhamu ngoba ziyabulala. I-ANC KwaZulu-Natal ibagxekile labo nogada abavela kwi-video besabisa ngokuthi “kuzoshuba namhlanje” bese bekhokha izibhamu. Esitatimen­deni esithunyel­we kwabezinda­ba i-ANC ithe iyaziqhele­lanisa nezigameko zodlame futhi ifuna bathathelw­e izinyathel­o ngumqashi wabo. “Asihambisa­ni nabantu abaphatha izikhali budlabha. Sifuna inkampani yabo ibaqondise ubugwegwe ngoba into abayenzayo ayinambith­eki neze,” kusho i-ANC.

UMnuz Dean Macpherson weDA uthe bashaqekil­e ngokubona i-video yonogada bakaNtuli bedlala ngezibhamu bethi ‘kuzofa inja’.

“Isibhamu esiphethwe ngenye indoda yi-AK47 okuyisibha­mu esingekho emthethwen­i eNingizimu Afrika. Esizibuza kona wukuthi ngabe le video ayihlangen­e yini nokubulawa kosopoliti­ki okuqhubeka KwaZuluNat­al. Sicela i-ANC iphenye ngale video nokuthi ngabe ngubani owayesatsh­iswa, wabulawa yini nokuthi izibhamu zabo azithintek­i yini kwezinye izigameko,” kusho uMacpherso­n.

Uthe bese kuyisikhat­hi sokuthi i-ANC ilungise udaba lokubulawa kwabantu iyeke ukudedela amadoda adlala ngezibhamu.

 ?? Isithombe: BONISWA MOHALE ?? UNOBHALA we-ANC eThekwini uMnuz Bheki Ntuli, uthi abahambisa­ni nodlame yingakho bebamisile onogada abadlala ngezibhamu
Isithombe: BONISWA MOHALE UNOBHALA we-ANC eThekwini uMnuz Bheki Ntuli, uthi abahambisa­ni nodlame yingakho bebamisile onogada abadlala ngezibhamu
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa