Isolezwe

Bavale ihhovisi bebhikishe­la ikhansela

- ZANELE MTHETHWA

SEKUPHELE isonto amalungu omphakathi esigcemeni sakwa-C KwaMashu evale amahhovisi ekhansela, alisona ngenkohlak­alo nokuzenzel­a.

Kusuka kuqale isonto amalungu omphakathi ayabhikish­a ngaphandle kwehhovisi lekhansela, athi awasalifun­i. UNksz Mamane Xulu oyikhansel­a ku-ward 40, wabekwa emuva kokhetho lohulumeni basekhaya ngo-Agasti nyakenye. Isolezwe lifike izolo amalungu omphakathi amanye egqoke izikibha ze-ANC, ebhikisha ngaphandle kwehhovisi lekhansela, ephethe izingqwemb­e ezinemibha­lo eligxibhay­o.

UNksz Sibongile Young onguNobhal­a we-ward, uthe ikhansela lizithathe­la izinqumo ngaphandle kokubonisa­na nekomiti.

“Aliwavakas­heli amaward, lihlala ehhovisi, kube nzima kubantu abangakwaz­i ukufinyele­la kulona. Nokukhethw­a kwalo kwaba nepolitiki eningi ngoba umphakathi wawungapha­kamisanga igama lalo,” kusho uNksz Young.

Uthe bavale ihhovisi ngoLwesihl­anu ngoba bafuna ubuholi besifunda bubanake. Uthe ngoLwesibi­li bathenjisw­a ukuthi kuzofika ubuholi okubalwa uNobhala uMnuz Bheki Ntuli kodwa babuye batshelwa ukuthi abaziyele ehhovisi lesifunda, bangakwazi.

Elinye ilungu lekomiti, uNksz Hlengiwe Ngobese, lithe umphakathi awuneme ngekhansel­a ngoba aliwenzi kahle umsebenzi. Uthe ikhansela alifuni ukusebenzi­sana nekomiti elibekiwe ngoba lalifuna kufakwe abathandwa yilona. Akuqali ukuthi umphakathi ukhale ngaleli khansela. Phakathi nonyaka lasolwa ngokususa ikhonteyna ebisetshen­ziwa njengomtho­lampilo nehhovisi elingumaha­mba nendlwana. Ezinye izinsolo ezibhalwe ohlwini lwezikhalo ezibhekisw­e ekhanselen­i, ngezokuday­isa umhlaba ngokungemt­hetho. Lisolwa nangokufun­a ubufakazi bobulungu beqembu uma kudingeka abazoqashw­a emphakathi­ni. Lisolwa nangokuday­isa ngokungemt­hetho izindlu ezimbili okubalwa nebihlala izintandan­e.

Kuthintwa uNksz Xulu uziphikile zonke lezi zinsolo. Uthe uzizwa engaphephi­le ngoba sekuyacaca ukuthi kunabantu abangamfun­i. Uthe laba ababhikish­ayo yiqeqebana elalifuna kuwine ozimele okhethweni lwango-Agasti.

“Ihhovisi balivalile bashintsha nokhiye, kumanje angikwazi ukuya khona. Ngagcina ngoLwesihl­anu ehhovisi, okungiphat­ha kabi wukuthi abantu abakwazi ngisho ukuthola izincwadi. Uma abantu bengakufun­i bakubheca nganoma yini, kusho ikhansela.

Lithe alikaze libizelwe umhlangano litshelwe ngezikhalo umphakathi onazo. Ikhansela lithi lizwe kuthiwa alifuni nomsebenzi, ekubeni akulona eliqasha abantu.

UNksz Xulu uthe uselinde ubuholi ukuthi bulungise udaba. UNtuli akalubamba­nga ucingo, wathunyele­lwa iSMS ayiphendul­e ngokuthi intatheli ayizifikel­e emahhovisi e-ANC.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? ABAHLALI baKwaMashu bebhikisha ngaphandle kwehhovisi lekhansela kwa-C
Isithombe: DOCTOR NGCOBO ABAHLALI baKwaMashu bebhikisha ngaphandle kwehhovisi lekhansela kwa-C
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa