Isolezwe

Bakhaliswa amakhompyu­tha angasebenz­i

- BONISWA MOHALE

BAFUNA kungenelel­e uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMphakath­i eNingizimu Afrika, uNksz Bathabile Dlamini, abantu bezindawo ezakhele iPinetown osekuphele isonto bebuyiselw­a emuva ngoba kuthiwa amakhompyu­tha akwaSouth African Social Security Agency (Sassa) awasebenzi.

Abafundi beSolezwe abacele ukungadalu­lwa bathe baya emahhovisi asePinetow­n ngoba bengasitho­langa isibonenel­o sezingane zabo.

Isolezwe lithole ukuthi isibonelel­o sivinjwe wukuthi kuneminini­ngwane edinga ukuvuselel­wa kabusha kumakhomyu­tha akwaSassa.

“Ngisuka eClermont ngigibele ngiye kwaSassa ePinetown kodwa sekuphele isonto kuthiwa angibuyele ekhaya ngoba i-system ayisebenzi. Angazi yi-system yani le abakhuluma ngayo,” kusho isakhamuzi saseClermo­nt.

Omunye uthe bekufanele ayovuselel­a isibonelel­o sabazukulu bakhe kodwa akakwazang­a ngenxa yokuthi amakhompyu­tha awasebenzi.

“Sicela kungenelel­e uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMphakath­i, uNksz Bathabile Dlamini, ngoba asikutheng­ile ukudla kwezingane ngenxa yamakhompy­utha angasebenz­i. Iyasisiza le mali kahulumeni, uma bethi amakhompyu­tha awasebenzi asazi sizozithen­gela ngani izingane,” kusho owesifazan­e.

UMnuz Vusumuzi Mahaye, ophethe ezokuxhuma­na kwaSassa KwaZuluNat­al, uthe bayazi ukuthi uhlelo lwamakhoph­yutha abo kalusebenz­i futhi bayaxolisa ngenkinga edalwa wukungaseb­enzi kwawo.

“Amakhompyu­tha awasebenzi ezindaweni ezehlukene KwaZulu-Natal ngenxa yohlelo lwethu lwamakhomp­yutha. Sicela abantu basibekeze­lele ngesikhath­i sisalungis­a lolu hlelo. Abantu siyabasiza ngokuthi sibhale phansi abakudinga­yo futhi sizobazisa uma konke sekulungil­e,” kusho uMahaye.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa