Isolezwe

Sekumi ngomumo ngeyokukhe­tha ubuholi kwiNFP

- MLUNGISI GUMEDE

AKUSEKHO ukubuyela emuva kwiNFP njengoba seluphumil­e usuku obelubhekw­e ngabomvu lwengqungq­uthela yokukhetha ubuholi obusha beqembu kuzwelonke.

Esithangam­ini nabezindab­a eThekwini izolo, ibamba likaNobhal­a-Jikelele weqembu, uMnuz Phumlani Zwane, uthe konke sekumi ngomumo mayelana namalungis­elelo engqungqut­hela yeqembu.

“Ngemuva kokuhlehla kwengqungq­uthela yokukhetha ubuholi bukazwelon­ke ngoDisemba nyakenye nangoEphre­li nonyaka ngenxa yezimo ebezingaph­ezu kwamandla ethu, isigungu esibhekele­le ukusebenza kweqembu iNational Working Committee (NWC), sibe nomhlangan­o ngo-Agasti lapho kwamenyeze­lwa khona ukuthi ingqungqut­hela kazwelonke izoba ngomhlaka 1, 2 no-3 Disemba,” kusho uZwane.

Uthe amalungu asanda kuvuselela ubulungu nalawo anekhadi lobulungu eliluhlaza yiwona azovunyelw­a ukuthi abambe iqhaza engqungqut­heleni.

Uthe ubuholi besifundaz­we yibona obuzobheka buphinde buqaphe ukugcotshw­a kwamagatsh­a.

UZwane uthe indawo okuzohlala kuyo ingqungqut­hela isazomenye­zelwa.

Ibamba likaSihlal­o weNFP kuzwelonke uMnuz Sicelo Mabika linxuse amalungu eNFP ukuba abumbane njengoba bematasa nomkhankas­o wokwakha kabusha iqembu. “Izingxoxo sizivulile kumalungu afuna ukuhlala phansi axoxe nathi kubalwa nalawo asekhande ikhempu yawo, nawo ahamba ethi amatasa enza amalungise­lelo engqungqut­hela,” kusho uMabika.

UMabika uthe umyalelo wesikhasha­na weNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu unika bona amandla ukuthi kube yibona abahola iqembu ngemuva kokuthi kwavela ukuthi isigungu sabo sihlakaziw­e nguMengame­li weqembu, uNkk Zanele Magwaza-Msibi.

UMengameli wombutho wabesifaza­ne kwiNFP uNkk Sindi Mashinini Maphumulo uthe icala lingenile enkantolo kuleli sonto lahlehlise­lwa uJanuwari 30, ngonyaka ozayo.

 ??  ?? ABAHOLI beNFP uMengameli wombutho wabesifaza­ne uNkk Sindi Maphumulo Mashinini nebamba likaSihlal­o weNFP kuzwelonke uMnuz Sicelo Mabika besesithan­gamini nabezindab­a eThekwini lapho bebemezele ukuthi konke sekumi ngomumo mayelana nengqungqu­thela...
ABAHOLI beNFP uMengameli wombutho wabesifaza­ne uNkk Sindi Maphumulo Mashinini nebamba likaSihlal­o weNFP kuzwelonke uMnuz Sicelo Mabika besesithan­gamini nabezindab­a eThekwini lapho bebemezele ukuthi konke sekumi ngomumo mayelana nengqungqu­thela...
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa