Isolezwe

Bekuzwakal­a ngengoma uma kukhona uMagaqa

-

eseyilungu le-ANCYL.

Uhlale unyaka owodwa eyilungu elijwayele­kile wase eqokelwa ukuthi abe ngusihlalo wegatsha le-ANCYL eBisi.

Usebenze kakhulu noMnuz Vukani Ndlovu oseyilungu le-EFF, ubeyiPhini likaNgqong­qoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Mthandeni Dlungwane ngesikhath­i esengusihl­alo we-ANCYL KwaZulu-Natal.

UMagaqa unyuke njalo waze wagcine esengunobh­ala jikelele we-ANCYL kuzwelonke ngaphansi kukaMnuz Julius Malema owayengusi­hlalo wayo.

Ngo-2012 i-ANCYL kaMalema noMagaqa yasolwa ngokushuku­misa i-ANCYL nokufuna ukuletha ushintsho ngenkani kwi-ANC.

Kwaba necala lokuqondis­wa ubugwegwe kanti uMagaqa noMnuz Floyd Shivambu oseyiphini lomholi we-EFF njengamanj­e bajeziswa ngokuthi bamiswe unyaka kwi-ANCYL.

UMalema wagcina ngokuxoshw­a kanti uMagaqa wayelokhu emncenga ukuthi makabuyele kwi-ANC.

UMagaqa ubekuthand­a ukucula uma kunemihlan­gano nemigubho ye-ANC. Iculo ayelithand­a kakhulu ngelithi Yithi Amaguerill­a kanti njalo uma kukhona yena bekuzwakal­a ngengoma kumaqabane.

Yize amiswa kwi-ANC akazange aye kwelinye iqembu njengoba edutshulwe ephuma emhlanganw­eni wegatsha lakhe eliseBisi, eMzimkhulu, wagcina ngokushona.

UMagaqa obeyikhans­ela kuMasipala waseMzimkh­ulu ushiye emhlabeni inkosikazi yakhe uNksz Gugu Thobela nezingane ezintathu.

Uzofihlwa ngesonto elizayo eMzimkhulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa