Sidukuza ontwini nje, kungenxa yezinqumo zikaJordaan
KULOKHU angifuni ukuthemeleza ngengifuna ukukusho, kungaze kuphele lesi sikhadlana enginikwe sona sokubeka uvo lwami ngingakaqedi.
Okwenza ngivele ngihlale endabeni zisuka amagqozo, yisimo iBafana Bafana ekusona njengoba kunemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2018 eseRussia. Empeleni nje kubukeka sekungaba wumlingo kuphela ongasiza iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika lizibekisele indawo kwiNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo.
Ngaphandle nje kokushaywa yiCape Verde kabili kulandelana emidlalweni yakamuva, usizi seluvele lwezwa olunye njengoba iFifa isiyalele ukuthi umdlalo wokuhlunga phakathi kweBafana Bafana neSenegal kumele uphindwe. Kulo mdlalo iqembu lasekhaya (iBafana) lawina ngo-2-1 kanti kwakhalwa kakhulu ngendlela unompempe awengamela ngayo umdlalo. Lo nompempe (uJoseph Lamptey) ugcine eyekisiwe ukudlalisa imidlalo engaphansi kweFifa unomphelo.
Ngiyazike uma isimo sesinje siyaye sifune umuntu esizomgxeka nesizokhiphela kuyena konke ukudinwa kwethu ngokungaphumeleli kweqembu lesizwe. Kodwa kulokhu ngicabanga ukuthi umuntu osibeke kulesi simo uzobe engasukelwa nakancane ngoba kungenxa yezinqumo zakhe sesizithola sithalaza, sibala ngeminwe ukuthi kazi sisengangena yini kwiNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo.
Igama lalowo muntu nguDanny Jordaan, ongumengameli weSouth African Football Association (Safa). Angifuni ukulokhu ngicasha ngesithupha kodwa ngilibeka ngembaba nje elokuthi uyena osiholele kuleli hlathi esidunguza kulona.
UJordaan nezinye izikhulu ezingaphansi kobuholi bakhe bakushiya ukhexile ngezinqumo zabo. Kwesinye isikhathi ngike ngizibuze ukuthi ngabe bayahlala yini phansi babe nenguyazana lapho kumungunywa khona izindaba ezithinta amaqembu aseNingizimu Afrika. Ngiqale ukushaya amakhala ngobuholi bukaJordaan ngesikhathi iSafa ithatha isinqumo sokuchitha u-Ephraim “Shakes” Mashaba, ngoDisemba, okunguyena obecija iBafana ngaphambi kokuthi izintambo zithathwe uStuart Baxter obesuka kwiSuperSport United.
Yebo ngiyavuma wayonile umfo kaMashaba ngokwenyukelwa wushukela phambi kwezintatheli ngemuva kokwehlula iSenegal kodwa lolu daba lwalungaxazululwa ngaphandle kokumxosha. Ukushintsha umqeqeshi maphakathi nemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ne-Africa Cup of Nations kwaba yisinqumo esingaphusile impela. Ngokwami wayengahlawuliswa ngandlela thize uMashaba kodwa ayekwe aqhubeke nayesekuqalile ikakhulukazi ngoba ibisivele iqalile imidlalo yokuhlungela le miqhudelwano.
Ngemuva kokuxoshwa kukaMashaba kuvele kwacweba iziziba kungacaci ukuthi ubani obezongena esikhundleni sakhe. Kubalwe inqwaba yabaqeqeshi abebemataniswa neBafana kodwa kwaphela izinyanga iSafa ibamba iyeka ingaphumeli obala ngokuthi ubani obezovala isikhala sikaMashaba. Abazaziyo bathi uJordaan wayephikelela nokuthi ufuna uHerve Renard oqeqesha iMorocco yize kwakucaca ukuthi isimo asivumi ngoba lo mqeqeshi wayefuna ukufika nethimba lakhe okuyinto eyayizodla imali eshisiwe.
Nokho isikhathi siqhubekile iBafana ingenaye umqeqeshi kwaze kwaba wuMeyi lapho kugcine kuqashwe khona uBaxter - sekulahlelwa nje. Uma uqasha umqeqeshi weqembu lesizwe awuvele ulahlele nje ngoba nakhu usubona imidlalo ebalulekile isondela iqembu lingenaye umqeqeshi. Anginankinga noBaxter futhi ngiyazi ukuthi akaziqashanga kodwa nginenkinga yesinqumo seSafa ‘sokulahlela’ esikhundleni esibaluleke kangaka.
UJordaan nethimba aliholayo kwiSafa bebelokhu bengaphumeli obala ngokuthi yini abazoyenza uma iFifa inquma ukuthi umdlalo weBafana neSenegal awuphindwe. Empeleni uJordaan ubeshaya phansi ngonyawo njalo uma ebuzwa ngalolu daba, ethi leyo yinto engeke yenzeke. Nakhoke sekwenzekile, mina sengilindele isitatimende esiphuma kwiSafa ukuthi uzothini uJordaan njengoba sekumele siphinde sidlale neSenegal.
Ukushaya phansi ngonyawo kukaJordaan kukhombisa ukuthi bebengalulandeli lolu daba yize iSenegal kade ingazibekile phansi isebenzisa zonke izindlela ukuthola ubulungiswa. Kusobala nokuthi uJordaan akazihluphi ngokufunda amaphepha ngoba belulokhu luqhamuka lolu daba kushiwo ukuthi iSenegal isafuna ukuthi iFifa ilufakele izibuko. Kubukeka sengathi yizintatheli kuphela ebezizihlupha ngokuzibuza ukuthi ngabe iFifa ingawuphindisela enkundleni umdlalo? KwiSafa bebekhululekile.
Lokhu okwenzeke kuleli sonto kwiSafa kungikhumbuza ukuthi abadlali beBafana bake badansela ubala eminyakeni edlule bezitshela ukuthi baya kwi-Afcon kade sasihlulwe ukufunda imithetho. Ngaleso sikhathi umengameli kwakuwuKirsten Nematandani.
UJordaan unakho impela ukutatazela njengoba kungekudala ememezele ukuthi iNingizimu Afrika isizoba namaqembu amane azoyimela kwiCAF Champions League kusukela ngonyaka ozayo. Ngemuva kwalokho kuvele imibiko yokuthi lokhu kwakuyisiphakamiso nje emhlanganweni weCAF akukho okwavunyelwana ngakho. Uyimemezela kanjani into engakaqinisekiswa yiCAF? Uzobukeka kanjani (uJordaan) uma ingasenzeki le nto ngonyaka ozayo?
Ngokwami nje kudingeka ushintsho olukhulu kwiSafa. Sekuyisikhathi sokuthi kube nabantu abazozihlupha ngokwazi izinto ezithinta unobhutshuzwayo, bangavele babhavumule nje bengenaso isiqiniseko. Abantu abafana noLucas Radebe noNeil Tovey bavele bayizichuse nje kwiSafa esikhundleni sokuthi kube yibona abathatha isikhundla sikaJordaan olokhu eqhubeke njalo nokusihlaza.
Uma kusekhona abantu abanjengoJordaan kwiSafa, iBafana namanye amaqembu esizwe ngeke kuye ndawo. Siyohlale sidemelayisa njengoba kwenzekile kuleli sonto eliphelayo.