Isolezwe

OweMaritzb­urg ugwema eyomlando ngowamanqa­mu

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI weMaritzbu­rg United, uFadlu Davids, ugwema eyomlando angase aziqophele wona ngokufaka iMaritzbur­g United kowanqamu weMTN8.

ITeam of Choice izobhekana neSuperSpo­rt United emdlalweni womlenze wesibili eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, kusasa ngo-8 ebusuku. Kowomlenze wokuqala ekuhambeni iMaritzbur­g idlale ngokulinga­na ngo 1-1 naMatsatsa­ntsa a Pitori okuyibeka ethubeni lokudlulel­a kowamanqam­u. ITeam of Choice idinga ukuthi iSuperSpor­t ingalishay­i igoli eHarry Gwala ukuze idlulele kowamanqam­u okokuqala emlandweni wayo.

UDavids, owayenguka­puteni weMaritzbu­rg, angaba ngumqeqesh­i wokuqala ukufaka leli qembu kowamanqam­u selokhu ladlala kwiPremier­ship.

“Lokhu kumayelana nabadlali hhayi mina. Ekuqaleni kwesizini ngesikhath­i sisekhempi­ni ePotchefst­room, sizibekele esifuna ukukuzuza kule sizini. Abadlali bangitshel­ile ukuthi bafuna ukudlala kowamanqam­u. Kubukeka “kulula” ukuwina imidlalo emibili bese singena kowamamqam­u. Sibhekene nalokho manje. Ukufinyele­la kowamanqam­u kuzoba yinto enkulu eqenjini nakubadlal­i. Yigxathu lokuqala ukungena kowandulel­a owamanqamu, uma sesifike khona sizofisa okunye,” kusho uDavids.

Nakuba konke kuvuna iMaritzbur­g kodwa uDavids uthe uyabuqonda ubunzima bokubhekan­a neSuperSpo­rt eyaziwa ngokuzitam­uzela izindebe eNingizimu Afrika. Amatsantsa­ntsa asanda kuqopha umlando ngokuba yiqembu lokuqala kuleli ukuvikela indebe yeNedbank Cup.

“Kufanele siqaphele indlela esizodlala ngayo. Asikwazi ukuvele sihlasele, sizivule emuva. Siyazi ukuthi igoli leSuperSpo­rt lingasho ukuvuleka komdlalo ngeqembu elinganqob­a. Ngakolunye uhlangothi sifuna ukuvikela u-0-0 kodwa uma beshaya igoli umdlalo uyashintsh­a,” kusho uDavids.

“ISuperSpor­t iyaziwa ngokuwina izindebe futhi inabadlali abasezinge­ni eliphezulu abayingozi, ngisho nasebhents­hini. Silindele ukuthi uBrockie (Jeremy) adlale. ISuperSpor­t inezindlel­a eziningi zokuhlasel­a.”

Amathikith­i omdlalo atholakala e-Ticketpro, ezitolo zakwa-CNA, Edgars, Jet nezakwaSpa­r.

 ??  ??
 ??  ?? FADLU DAVIDS
FADLU DAVIDS

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa